Ukwethula imisebenzi emphakathini wasezweni kuyohlala njalo kuwumthwalo onzima. Uhlaka lwentuthuko yezenhlalakahle lufuna uhlelo lokwethula izidingo zomphakathi oluhlobene, oluxube imikhakha noludidiyele iminyango ehlukene kahulumeni kanye nemikhakha yakhe. Lendidiyela nokusebambisana kuyokwenzeka kuphela uma kwakhelwe esisekelweni semikhuba nenkambiso yenqubo yentuthuko. Lokhu kuveza isidingo sobudlelwane obuhle phakathi kohulumeni kazwelonke, bezifundazwe nasezinhlakeni zohulumeni basekhaya.
Eminyakeni edlule engaphezulu kweshumi, umbono wezici ezibumbe imisebenzi yentuthuko yenhlalakahle kade usematheni kwinkulumo-mpikiswano, unendida nokungaqondakali kahle. Kusukela ngo-1994, sibambe inkulumo-mpikiswano emazingeni ehlukene ngenhloso yokuqiniseka ukuthi izidingo zethu zifinyelela ezingeni elifanele ukuhlomulisa imikhakha entulayo nempofu emphakathini.
Indlela entsha emlandweni wezwe iveza ukushenxa kwinqubo yezenhlalakahle kuye emqondweni wokuthuthukiswa kwezenhlalo okuhloswe ngakho ukufinyelela ezigidini zabantu asebehlale ngaphansi kwezimo zobuphofu, zokwentula nokungakwazi ukufinyelela ezinsizeni. Lokhu kushenxa kwakhelwe embonweni wokuthi abantu bazimele ngokuqonda ukuthi yini abayifuna ngezimpilo zabo. Lenguquko emqondweni engafani nesiko lokwelula ngokupha labo abampofu ehlose ukuthuthukisa nokunika amathuba abantu ngabanye, amaqembu nemiphakathi ukuze bakwazi ukuzimela iyosiza umnyango kanye nobambisene nabo ekulweni nezinselelo zenhlalakahle nezomnotho ezibhekene nomnyango nezwe lakithi.
Sizoqhubeka nokwenza lokhu ngenxa yenkolelo yethu yokuthi leyo mizamo iyoqinisa uhlelo nalapho kothulwa khona izidingo futhi kuthuthukiswe inhlalakahle jikelele nokuthuthukisa abantu bakithi. Uhlelo lokweThula Imisebenzi yoMphakathi luveza ngokusobala imizamo yethu engapheli yokwethula kangcono isimo sezidingo zomphakathi ebantwini abampofu kakhulu nemiphakathi entulayo. Ngesikhathi esifanayo, sithola isithombe nezinkomba zezidingo zezinsiza ukuze umsebenzi uqhubeke ngendlela egculisayo.
Sinethemba lokuthi lolu Hlelo luyosiza wonke umuntu ekulweni ngokuhlanganyela nezinselelo esihlangabezane nazo eminyakeni eyi-10 edlule mayelana nokwethulwa kwemisebenzi yomphakathi. Okubaluleke kakhulu, yithemba lokuthi uHlelo kweZidingo zoMphakathi luyoqina futhi luqinisekise ukusebenzisana nabo bonke abathintekayo ekwenzeni ngcono ubulungiswa bezenhlalakahle nokubambisana okuqonde ukufeza injongo eyodwa "yeMpilo Engcono kuwonke wonke".
Umnyango ufisa ukwedlulisa kakhulu ukubonga kwiThimba eliJutshelwe Uguquko elifake igalelo elikhulu kwinqumo yokuthuthukisa Uhlelo lweZidingo zoMphakathi. Leli thimba libunjwe ngamalunga avela kuZwelonke neziFundazwe kanti uSihlalo walo ngu Ms N. Kela onguMqondisi oMkhulu kwa: Welfare Service Transformation (kuZwelonke). Kungenxa yegalelo lethimba okwenza sibe neqholo lokusho ukuthi, sakhiwe ngempela isisekelo ngaphandle nje kwezinselelo ezisekhona zokuqinisekisa ukuthi ngempela iqhaza elibanjiwe lihlomulisa ngendlela egculisayo izigidi zabantu abantulayo baseNingizimu Afrika abalindele kakhulu imisebenzi yethu.
Umnyango uthanda nokwazisa amagalelo afakwe ngabanye abathinteka kuzo zonke izifundazwe eziyisishagalolunye, izikhungo zemfundo ephakeme, Umkhandlu weziFundiswa eMkhakheni wezeNhlalakahle, Izinhlangano zabaSebenzi, ama-NGO, ama-FBO, ama-CBO nezinye izinhlaka ezibambe iqhaza ngesikhathi sokubonisana ezaveza nemibono yazo kulomqulu. Ukubambisana nezinye izinhlaka zomphakathi kuyohlala njalo kuseqhulwini emizamweni kaHulumeni nasemsebenzi wakhe wokwenza ngcono umsebenzi nokuqhuba lokho ojutshelwe khona.
Umqondo woHlelo lweZidingo zoMphakathi...
Inhloso yoHlelo lweZidingo zoMphakathi...
Umbiko wemiphumela elindelwe...
Imikhuba elindelwe nenkambiso yoHlelo loKwethula iZidingo zoMphakathi...
Inqumo-mgomo Nokujutshwe wuMthethosisekelo...
Uhlelo lwezenhlalakahle olwethula izidingo ezigxile entuthukweni...
Uhlobo noMthamo weNtuthuko yoMphakathi...
Abethula imisebenzi/Amasu eziKhungo...
Ukweseka Uhlelo loKwethula Izidingo zoMphakathi...
Iqhinga lokuQhuba umsebenzi oqalile nokuSingatha izinguquko...
Umnyango weNtuthuko yezeNhlalakahle wethula izidingo ngemikhaka emithathu ebanzi; ukulondeka enhlalweni, izidingo zenhlalakahle yomphakathi, nentuthuko yomphakathi. Lezi zinhlelo kufanele zididiyelwe futhi zisize imiphakathi ehlosiwe ekubhekaneni ngendlela egculisayo nazo zonke izinkinga zenhlalo nezimo ezifana nokuhlukumezeka emqondweni, ubuphofu obunamandla, ukuthola ukudla nezimo ezinzima zenhlalo.
Yizo lezi zimo ezidale isidingo sokuqhakambisa indlela yentuthuko egxile emandleni omuntu ngamunye, emaqenjini noma emphakathini nokwazisa amandla abo okukhula nokuthuthuka. Ekwaziseni isidingo sokukhuthaza izinhloso zentuthuko emile nokubhekana nezimo zokungalingani zeminyaka edlule, imboni yezenhlalakahle yemukele umgudu wentuthuko njengeqhinga lokwethula izidingo ohlose ukudidiyela amasu ezenhlalakahle nentuthuko yezomnotho. Phezu kokwemukela indlela yokuthuthukisa ukwethula izidingo, eminyakeni edlule osonhlalakahle baphoqeleka ukusebenzisa izindlela zesikhashana ezaziphoqwa yisimo sengcosana yezinsiza eyayingalawulwa yizidingo-nqangi, yizidingo noma yimibandela yomthetho nezibophezelo ezinqunywe emazingeni omhlaba.
Ngakho, Inhloso-nqangi yoHlelo lweZidingo zoMphakathi eMnyangweni wezeNhlalakahle wukwethula uhlaka lukazwelonke olubanzi olunquma ngokucacile uhlobo, ububanzi, umthamo nezinga lomsebenzi obumbe uhlelo lokwethula izidingo zomphakathi emnyangweni wezenhlalakahle futhi iyoba wumgogodla wokuthuthukisa imikhuba ejwayelekile namazinga afanele okwethula izidingo zomphakathi.
Umphumela olindelwe wohlelo lwezidingo zomphakathi wukwethula nokusebenza kohlelo olubanzi, olusebenza ngempumelelo, ngendlela ehlosiwe nesezingeni eliphezulu futhi ehlomulisa umphakathi ozimele oluhambisana nemikhuba emiswe kuMthetho-sivivinywa woMnyango wezeNhlalakahle nenkambiso ye-Batho Pele. Ngaphezulu kwalokhu, uhlelo lugxile ezimisweni zomthethosisekelo, emthethweni nenkambiso yamazwe omhlaba okuyizinto eziyisisekelo somnyango uma kwethulwa izidingo zomphakathi.
Uhlelo lweZidingo zoMphakathi lweMisebenzi yokuThuthukisa Imisebenzi yezeNhlalakahle lwazisa ubudlelwane phakathi kwemisebenzi emikhulu yomnyango, njengesiqiniseko senhlalo, inhlalakahle emphakathini nentuthuko yomphakathi. Ngakho uhlelo luhlinzeka ngohlaka lokudidiyela imisebenzi phakathi kwezinhlelo ezehlukene zomnyango. Noma kunjalo, izindaba zenhlalo wudaba olujulile noluxhantile olufuna ukudidiyelwa neminye iminyango, ngakho kuqhakanjiswa isidingo sokusebenzisa ngokugcwele ezinye izinhlaka ukuze lemizamo yokudidiyela isebenze futhi ididiyelwe ngokuphelele. Kuyiqiniso futhi ukuthi umnyango usebenzisana neminye iminyango nemikhakha ezintweni ezithile ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi imiphakathi ithola usizo nomthamo omkhulu womhlomulo ngemisebenzi ethulwayo.
Nakuba laziswa iqhaza lesiqiniseko senhlalo emphakathini, imisebenzi yehlukaniswe ngezigaba ezimbili ezibumbe izidingo zentuthuko yomphakathi, yisigaba sezidingo zokuthuthukisa inhlalakahle yomphakathi kanye nokuthuthukisa umphakathi. Lezi zigaba ziphinde zehlukaniswa ngokwemisebenzi yazo.
Imisebenzi yentuthuko yezenhlalakahle ikleliswe ngamazinga okungenela isimo. Lamazinga acacile kodwa axhantele kwamanye futhi ethulwe ngendlela engamile. Imisebenzi ihlukaniswe ngesigaba sokunqanda, ukungenela isimo masinyane, umngenela omiswe wumthetho, ukugcina abantu emakhaya noma enye indlela yokunakekela nemisebenzi yokuhlumisa kabusha impilo nokulandelela. Yonke lemisebenzi ebaliwe ihlose ukukhuthaza igalelo lokusebenza nokuxhunyaniswa kwabantu abahlomulayo nomphakathi ngokuphelele.
Imisebenzi enqala iphindwe yakleliswe ngemikhakha emihlanu ebanzi; ukukhuthaza nokunqanda, ukuhlumisa kabusha izimpilo, ukuvikela, ukunakekela nemisebenzi yempilo yengqondo nemikhuba engayekeki. Lemikhakha icazwa ngamaqembu ahloswe wumnyango abunjwe ngabantu abampofu nabantulayo emphakathini.
Uhlobo nomthamo wentuthuko yomphakathi luchaziwe. Lemikhakha ibekwe ngezigaba zenhloso nobubanzi bemisebenzi ixube intuthuko yentsha nabesifazane, izinhlelo zokunciphisa ubuphofu, ukubhalisa ama-NPO nokuwakhuthaza. Lemisebenzi iphinde yahlelwa ngokwenqubo yokuthuthukisa umphakathi okuhlangene nokuthuthukisa ubudlelwane benhlalonhle, ukwakha isithombe somphakathi, ukuhlela nokuklelisa ngendlela efanele, ukuqhuba umsebenzi oqaliwe, ukuvivinya umsebenzi, ukubhala phansi inqubo nokukhuthaza, ukudidiyela nokuxhumanisa. Ezinye izindlela ezikhethiwe yilezo eziqhakambisa uhlelo lokweseka impilo ende ebantwini nokubamba iqhaza emfundweni nasezintweni zomphakathi.
Uhlelo lwezidingo zomphakathi luyamukela ukuthi imisebenzi yentuthuko yisibophezelo esididiyele abantu abaningi kuhlangene nohulumeni, izinhlangano ezingaxhumene nohulumeni nemboni ezimmele. Uhlobo nobubanzi ngempela beqhaza labantu abethula imisebenzi lunqunywa wumlando, wubuchwepheshe, yizidingo zomthetho kanye nezindleko.
Ngaphansi kwalolu hlaka, ichaziwe imisebenzi nezibophezelo zabasizi bakahulumeni emisebenzini ethulwa ngemikhakha ehlukene kanjalo nabantu ababambisene nohulumeni abafana nezinhlaka zikazwelonke, izinhlangano ezingaxhumene nohulumeni, izinhlangano ezigxile emphakathini nezenkolo kanjalo labo abasebenza emkhakheni. Lokhu kuyoqinisekisa incazelo nokucaciswa kweqhaza nokugwema ukuphinda nokwahlukana okungafanele. Bonke abethula imisebenzi kufanele baqinisekise ukuthi imisebenzi iyadidiyelwa, ibumbene futhi iphethwe ngendlela yokuzuzisa nokuhlomulisa kakhulu umphakathi.
Ukuqhuba uhlelo lwezidingo zomphakathi ngendlela ephumelelayo, kudinga izinsiza ezehlukene ezibandakanya abantu, imali, ulwazi, ukusingathwa kolwazi nenqalasizinda. Ukwaba izinsiza ngalendlela kuyonqunywa wukuthuthukiswa kwemikhuba ejwayelekile namaqophelo okusebenza. Uhlelo lwakha isisekelo sokuthuthukisa imikhuba ejwayelekile namaqophelo asadinga ucwaningo nokwenziwa ngcono.
Ukwethula izidingo zomphakathi ngendlela egculisayo ezigabeni ezichazwe ohlelweni, kunemikhakha engasetshenziswa njengesisekelo sokulumbanisa isakhiwo, ikakhulu ngaphakathi kohulumeni. Lokhu kuyogqugquzela ukuxhumanisa nokudidiyelwa kwemisebenzi bese kwenza ngcono indlela yokuxhumana nokuhlela ngokuhlanganyela.
Impumelelo yohlelo incike kakhulu ohlelweni oluqhubekayo lokubuyekeza nokubumba isakhiwo esihambisana nendlela oyoqhutshwa ngayo umsebenzi ngesikhathi sewuqalile. Selinqunyiwe iqhinga lokuqhuba umsebenzi nokusingatha izinguquko.
Umnyango ugcizelela ukubaluleka kokulandelela nokuvivinya umsebenzi. Amaqhinga okulandelela nokuvivinya asechaziwe kanjalo nokusabalalisa inqubo. Le ndlela ihlose ukuqinisekisa ukubambisana nokunciphisa ukushayisana ngenjongo yokuvuna ubudlelwane obuhle nabethuli bemisebenzi nalabo okuhloswe ukuba bahlomule nokwakha umphakathi ongcono.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika obusa ngentando yeningi nomukela izinguquko wemukele uhlaka lwentuthuko futhi uphokophele ukuba wumbuso wentuthuko ohlose ukubhekana nenselelo owayishiyelwa wuhulumeni wobandlululo nomlando wengcindezi. Esinye sezibophezelo/amaqhaza kahulumeni waseNingizimu Afrika wukukhuthaza inqubo yentuthuko ngokusebenzisa izikhungo ezehlukene zikahulumeni, abambisene nazo kanye nomphakathi.
Uma ubheka umlando, uyathola ukuthi inselelo yentuthuko ebhekene neNingizimu Afrika iningi futhi inemikhakha ehlukene. Iphuzu eliqavile elikleliswe phambili wuhulumeni kumaLungelo Esintu aqukethwe wuMthethosisekelo yisiqiniseko sokwethula izidingo ezihlukene zemisebenzi nakuba ziyingcosana izinsiza ezikhona zokubhekana nalenselelo. Isimo esichaziwe nokucabangela isidingo sokukhuthaza izinhloso zentuthuko emile yokulungisa isimo sokungalingani sidale ukuba umnyango wezenhlalakahle ulandele uhlelo lwentuthuko olwethula izidingo zomphakathi ngokusebenzisa indidiyela yemingenela nemizamo yempilo nentuthuko yezomnotho.
Iningizimu Afrika yathola kuhulumeni omdala uhlelo lwezenhlalakahle olwehlukile olunengxube yezici ezihaqwe wumlando ezinothelela omkhulu ezingeni elikhona namuhla lokulwa nobuphofu nezinto ezihlobene ezifana nokuncipha kwamathuba emisebenzi, Ingculazi neSandule-Ngculazi. Umsebenzi wosonhlalakahle yiwona kuphela owawunegunya lokulawula ezenhlalakahle kusukela ngo-1937 okwadalwa wumphumela wezincomo zoPhenyo lweKhomishani yokuqala kaCarnegie eyayiphenya ngobuphofu babamhlophe eNingizimu Africa ngo-1928. Indlela yamanje yokwethula izidingo zomphakathi seyehlukile kuleyo ekade ilandelwa esikhathini esidlule. Inqubo yokuthuthukisa inhlalonhle ihlose intuthuko edidiyele, ukukhuthaza inqubo esiza abantu abampofu nabentula kakhulu kanjalo ukufinyelela kubantu ekade bencishwe amathuba ukuze bathole amandla nokulawula izimpilo zabo.
Ukuthuthukisa isikhungo njengengxenye yenqubo yoguquko nomqondo omusha wentuthuko kudinge ukuba Umnyango wezeNhlalakahle uguqule igama lawo waziwe ngokuthi nguMnyango weNtuthuko yezeNhlalakahle. Intuthuko yezenhlalakahle iphokophele ukuthuthukisa umphakathi ngokuphelele. Iqhaza lihlose ukuthuthukisa ngokuphelele igalelo lomuntu ukuze athuthukise isimo sempilo yakhe, amasiko, ezombusazwe nendlela aphila ngayo.
NgokweKhomishani yeNhlangano yeZizwe eBhekele Ezomnotho e-Afrika (UN), intuthuko yezenhlalakahle ibandakanya ukubambisana kwabantu ekuletheni izinguquko eziphathekayo neziningi ezimpilweni zabantu ngabanye, amaqenjini nasemiphakathini ngokungenelela ngezenzo ezifana nenqubomgomo yezenhlalakahle, ukuphepha komphakathi, imisebenzi yezenhlalakahle, umsebenzi wosompilo, intuthuko yomphakathi nokwakha isikhungo. Uhlaka lwentuthuko yezenhlalakahle lufuna izinhlelo zokwethulwa kwemisebenzi ezididiyele, ezixubile nezigamanxe kuyo yonke iminyango nezimboni zikahulumeni. Ukuxhumana nokubambisana kuyokwenzeka kuphela uma kuqhakanjiswe emiqondweni, ekuziphatheni nasenkambisweni ekhuthaza indlela entsha yokuthuthaza intuthuko.
Inkulumo-mpikiswano, ukudideka nemibono ehlukile, ilokhu iqhubekile eminyakeni eyishumi edlule mayelana nombuzo wokuthi yini ebumba ukwethula izidingo zomphakathi ngentuthuko. Uhlelo lokwethula izidingo zomphakathi luzama ukuchaza uhlobo, ubungako nezinga lemisebenzi eqhubeka embonini yokuthuthukisa ezenhlalakahle ngaphandle kwesiqiniseko senhlalo yomphakathi. Uhlelo luphinde luveze izinkomba zesidingo sezinsiza zokuqhuba umsebenzi ngempumelelo. Ngalendlela, uhlelo luhlinzeka ngesisekelo sokwethula imikhuba evamile namaqophelo okwethula izidingo zomphakathi nakho okunika umqondo ophusile ngezindleko zaleyo misebenzi.
Uhlelo lokwethula izidingo zomphakathi aluhlosile ukucubungula inqubomgomo ebanzi; ngakho uhlelo alubuyekezi Umthetho-sivivinywa. Futhi uhlelo aluzishayi uhlaka oluyize oluzama ukuchaza imigudu yenqubo. Ngakolunye uhlangothi, lusebenza njengomhlahlandlela wemisebenzi yezenhlalakahle ekuqhubeni uguquko emqondweni wentuthuko bese lweneka ukuqongeleka kwamandla emisebenzi yentuthuko.
Lomqulu ungeminye encikene enomthelela ekusebenzeni koMthetho-sivivinywa, ngakho kufanele ufundwe ngokuhlanganyela neminye. Eminye imiqulu ibandakanya Inqubomgomo yoKwabiwa kweZimali kulabo abaBambe Iqhaza neBhukwana leNqubo, uHlaka loMbono ngeNtuthuko yoMphakathi nenye inqubomgomo namaqophelo amiselwe ukuthula imisebenzi yomphakathi.
Nakuba sithathe umgudu wentuthuko ekwethuleni izidingo zomphakathi, eminyakeni eyishumi edlule kuye kwagxilwa kakhulu eMkhakheni wesiqiniseko senhlalo okwenze eminye imisebenzi yezenhlalakahle yasalela ngemuva. Kuyiqiniso ukuthi ukwaba isamba esikhulu sesabelo-mali eMkhakheni wesiqiniseko senhlalo kube nomphumela wokuncishiswa nokusalela emuva kweminye imisebenzi. Ngalendlela, labo abethula imisebenzi yezenhlalakahle baphoqelekile ukulandela izindlela zesikhashana eziphoqwe yizinsiza eziyingcosana kunalokho okuyizidingo, okukleliswe phambili noma wumthetho nezibophezelo ezinqunywe ezingeni lomhlaba.
Intuthuko yakamuva yesiQiniseko seNhlalo, ikakhulu isinqumo sokwethula lesi sidingo njengesikhungo esizimele esinesabelo-mali saso kusukela ngomhla ka-Apreli ka-2005 iguquke yagxila kwezinye izidingo ezisele emxhakeni wemisebenzi yokuthuthukisa izidingo zenhlalakahle. Noma kunjalo, lokhu kufanele kwenziwe ngokuhambisana nengqikithi yazo zonke izidingo ezithulwa wumnyango..
Isiqiniseko senhlalo sisalokhu siyingxenye yomsebenzi womnyango. Nokho uyanda umthwalo wesiqiniseko senhlalo yomphakathi futhi isimo sezimali sesiqale ukusinda kakhulu ngendela engalawuleki. Uhlelo lwezidingo zomphakathi luyazi ngobudlelwane obukhona phakathi kwemisebenzi yomnyango, umsebenzi wokuqinisekisa ngenhlalo, ezenhlalonhle nokuthuthukiswa komphakathi. Ngakho, inhloso enkulu wukwethula izidingo ezibanzi eziyonciphisa umthwalo wesiqiniseko seziding zenhlalo. Isiqiniseko senhlalo yomphakathi kufanele sibe yisikhali esihlinzeka kakhulu ngosizo oluphuthumayo olulindele ukuhleshulwa luqondiswe kweminye imisebenzi echazwe kulolu hlelo, njengokuthuthukiswa kwezenhlalo nemisebenzi yokuthuthukiswa komphakathi ngenhloso yokuqinisa imizamo yokungenelela isimo.
Imboni ibizelwe ukuzochaza ngalokho ekwenzayo kanti iminyango yesifundazwe yokuthuthukiswa kwezenhlalakahle iphonselwa inselelo yokuthatha indawo entsha ngesikhathi umsebenzi wokuQinisekisa ngeNhlalo yoMphakathi sewuzimele.
Ngakho, ukusungulwa kohlelo lwezidingo zomphakathi kuletha ithuba lokudingida kabanzi uhlobo, ububanzi, umthamo nezinga lemisebenzi okufanele osonhlalakahle bomnyango bayethule ngaphansi kohlaka olulodwa olubumbene.
Ukuletha uhlaka loguquko oluqonde endleleni esebenza ngokuthuthukisa abantu njengohlelo lokuletha izidingo emphakathini.
Ukwethula uhlu lwemikhuba efanele yokucabanga kabusha nokuguqula indlela yokwethula izidingo zomphakathi.
Ukwethula isisekelo sokwakha kabusha izikhungo zentuthuko yezenhlalakahle.
Ukuqhuba izifundo eziqhubekayo nokwabelana ngombono wemboni yezenhlalakahle eqhakambisa intuthuko.
Ukwakha isisekelo sokunquma imikhuba namaqophelo ezidingo zomphakathi nokuyoba yisisekelo sokufaka izimali nokusebenza kangcono ekuletheni izidingo.
Umbiko olindelwe wohlelo lwezidingo zomphakathi ngophathelene nokusebenza okubanzi, izinga eliphezulu, ukusebenza ngendlela egculisayo nohlelo lokwethula izidingo zomphakathi olunomthelela omuhle emphakathini ohlose ukuzimela.
Abantu esibasebenzelayo yibo abahamba phambili ekuqhubeni imisebenzi yethu.
Siyoqinisekisa ukuphatha wonke umuntu ngokulingana nokungabandlululi nokungahlukumezi abantu emsebenzini nasemisebenzini ethulwa wumnyango.
Siyosebenza ngokubambisana nabantu esisebenzisana nabo nabanye ababambe iqhaza.
Siyosebenzisa izinsiza esinikwe zona ngenhloso yokwethula izidingo-nqangi zikaHulumeni ngendlela efanele, enobuchule nokusebenzisa amaqhinga amasha.
Siyosebenza ngendlela esobala nokuzibophezela ezinqumeni, ezenzweni nasekusebenzeni kwethu.
Siyokwabelana ngolwazi nekhono neminye iminyango nemboni yezenhlalakahle futhi sifunde kwabanye.
Ekwenzeni imisebenzi yethu, siyohambisana noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, imithetho ebusa umbuso neNqubo yokuziPhatha yoMbuso.
Ngaphezulu kwalokhu, kunezinto ezibaluleke kakhulu kwinqubo yokuthuthukisa okufanele yaziwe futhi ilandelwe.
Ukwazisa nokuhlonipha ithuba eliphezulu elikhonjiswa ngabantu ekuzithuthukiseni nokwamukela izinguquko.
Ukwazisa amalungelo abo bonke abantu ukuba babambe iqhaza ekuzithuthukiseni nokuzithathela izinqumo nokuzibhekela izimpilo zabo.
Ukuzibophezela ekukhuthazeni inhlalonhle eyakha ubudlelwane obuqinile, izinhlangano eziphilile nemiphakathi.
Iqhaza: Abantu kufanele banikwe ithuba lokuzifundela, lokukhula nokuguquka kusukela lapho bekhona njengamanje kuhanjiswane nabo ngesivinini sabo.
Ukuziphilisa: Abantu kufanele baxhunyaniswe kanjalo badibane nendawo abahlala kuyo ngendlela eyenza bakwazi ukuzenzela ngokwabo ngendlela nangokuhlanganyela ngendlela enamandla ephokophele impilo engcono ehlanganisa ukuthuthukisa ubuholi, izinqumo, ukuhlela njalonjalo.
Ukunika amandla labo ababencishwe amathuba: Amandla kufanele edluliselwe ebantwini ukuze bakwazi ukuphatha nokuthatha izinqumo nezinsiza ezinomthelela ezimpilweni zabo ngokukhuphula izinga lobudlelwane.
Ukufinyelela ezinsizeni: Izinsiza zenhlalakahle zitholwa yiwo wonke amathimba azwelayo. Akekho umuntu noma ithimba elivinjelwe ekufinyeleleni ngenxa yokwentula izinsiza noma ulwazi lokungazi ukufinyelela emisebenzini yezenhlalakahle.
Ukulingana: Izinsiza zokusabalalisa ezigxile esidingweni, ezintweni ezikleliswe phambili noma ukungalingani okudalwa wumlando.
Ukusebenza ngendlela esobala: ukufinyelela elwazini, ukusebenzela obala komnyango nenqubo yokuphatha.
Indlela efanele: Ukuhlangabezana nesimo senhlalonhle, amasiko, indabuko nezombusazwe.
Ukusebenza ngokuzibophezela: ukuhambisana nayo yonke imithetho nemigomo yesishayamthetho, yenqubomgomo neyezimali.
Ukufinyelela elwazini: Ukufinyelela endaweni, izimo zendawo, isikhathi, ulimi nesidingo.
Igalelo nokusebenza ngendlela efanele: Ukuzuza izinhloso ngendlela efanele nelungile.
Ukubambisana: Isibophezelo esibumbene sikahulumeni, umphakathi nemboni yamabhizinisi ekwethuleni izidingo zomphakathi.
Ukudidiyela ezenhlalakahle: Inqubomgomo nezinhlelo ezikhuthaza ubulungiswa bokuhlalisana.
Ukuhlala isikhathi: Ukufeza nokugcina izinhloso ezimiselwe isikhathi eside esizayo.
Le nkambiso isekela ukwethula izidingo zomphakathi emnyangweni kanti ifuna ukuqashwa nokulandelwa.
uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ka-1996, (108, 1996) uqukethe Amalungelo Esintu angahlinzekeli nje kuphela amalungelo anqala abantu kodwa namalungelo ezenhlalakahle nezomnotho. Isigaba-27 (c) soMthethosisekelo siphinde sihlinzekele ilungelo lokufinyelela osizweni olufanele lwezenhlalakahle kulabo abangakwazi ukuzisiza kanye nalabo abaphiliswa yibo.
INingizimu Afrika ngelinye lamazwe ambalwa lapho Umthethosisekelo wazisa ngokusemthethweni isibophezelo sokulwa nobuphofu. Ngokomthethosisekelo, uhulumeni unesibophezelo sokuhlangabezana nezidingo zabantu ezisemqoka nokunika lezi zidingo isikhundla samalungelo esintu asemqoka.
Umthetho woNgoti beZidingo zeNhlalakahle-110 ka-1978 uhlinzeka ngohlaka lokusungulwa koMkhandlu obuswa yimithetho yezwe nozimmele ojutshwe ukubumba oNgoti beZidingo zeNhlalakahle, ukuvikela intshisekelo yalabo abayohlomula nokukhuthaza ugqozi longoti ababhaliswe emkhakheni wezenhlalakahle. Lomthetho uphinde uveze umkhuba nendlela yokuziphatha emsebenzini wezenhlalakahle nencikene nokumisa amaqophelo emfundo noqeqesho.
Umthetho woNgoti beMisebenzi yoMphakathi ka-1978 Umthetho No.
Lemithetho iqukethe uhlaka lomthetho wokwethula imisebenzi yezenhlalo eNingizimu Afrika. Ukuze ihlale ihambisana nezidingo zanamuhla, imithetho kufanele ibuyekezwe ngendlela edingekayo.
Ziningi izibophezelo ezisezingeni lomhlaba lapho lelizwe lisayine khona izivumelwane kanti lezi zindawo ziyochazwa esikhathini esizayo kwezinye izingxenye zalomqulu. Noma kunjalo, lokhu okulandelayo kusemqoka futhi kwakha isisekelo somthetho nenqubomgomo ezweni.
Isimemezelo soKwazisa Amalungelo Esintu Emhlabeni siyinsika yazo zonke izibophezelo "zokukhuthaza inqubekela-phambili yezenhlalakahle nempilo engcono ekuzibuseni okubanzi". Lamalungelo aphinde aveze umbono wesakhiwo "esikhuthaza ezomnotho namalungelo enhlalakahle yabantu bonke".
Ukuthuthukisa ubudlelwane phakathi kwamazwe omhlaba obuqonde entuthukweni.
Lengxenye ihlongoza amagama anqala asetshenziswe emqulwini ngenhloso yokuhlinzeka ngemihlahlandlela kazwelonke nokukhuthaza indlela yokusebenza efanayo ngesikhathi esetshenziswa emnyangweni.
Intuthuko yezeNhlalakahle yinqubo yokuhlela izinguquko zenhlalo ezihlose ukukhuthaza isimo sempilo yabantu ngokuphelele mayelana nenqubo eguquka masinyane yokuthuthisa ezomnotho. Inhloso yokuthuthukisa inhlalonhle wukukhuthaza isimo sezenhlalakahle. "Inhlalakahle" isetshenziswa njengencazelo ebanzi ethinta isimo senhlalo edaleka ngesikhathi izinkinga zenhlalo zisalawuleka ngendlela enelisayo, izidingo zenhlalo zifezeka namathuba enhlalo esadaleka (Icashunwe embhalweni ka Midley Jame othi - Intuthuko yezenhlalakahle-1995 -SAGE Publications). Ngakho, intuthuko yezenhlalakahle wudaba zonke izimboni zikahulumeni ezishiyelana ngalo ezweni njengombuso ophokophele intuthuko. Umnyango wezeNhlalakahle yiwona obhekele ukuhola lonke lolu hlelo lwentuthuko yezenhlalakahle.
Inqubo eqonde ukuthuthukisa inhlalo ihlanganisa ngendlela ehlukile izinhloso zezomnotho nenhlalo. Ayibhekeli nje kuphela ukubaluleka okunzulu kwentuthuko yezemnotho nenhlalo ekwenyuseni izinga lezimpilo kodwa ishabashele impumelelo yokukhuphula ezomnotho enomthelela ezinhlosweni zenhlalo.
Ezenhlalakahle eyakhelwe kwiNtuthuko zigxile ekuvikeleni inhlalo, ekuphakamiseni izinga lesintu nokukhuthaza ukuzenzela nokubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo. Inhlalakahle emiselwe kwintuthuko igxile endaweni ethile ethinta imbangela nomthelela wokwentula nokushiywa ngaphandle kwemiphakathi kanjalo nokwethulwa kwezidingo ezididiyele emiphakathini, emindenini nakubantu abachaphazelwa yilezi zimo. (Umbiko weNhlangano yoBumbano; ka-1987).
Intuthuko yoMphakathi iqonde inqubo namaqhinga aqondiswe ekwenzeni ngcono amandla emiphakathi ngesikhathi ebhekene nezidingo zawo nokuthuthukisa amagalelo entuthuko, lokhu okwenzeka lapho imiphakathi ibambana ngezandla okuyindlela emiselwe ekubambisaneni nokusebenzisa izinhlelo zokufukulana.
Imisebenzi yezeNhlalo iqonde imisebenzi ebanzi nehlukene ephathelene nezidingo ezithinta inhlalakahle nokuthuthukiwa komphakathi okwethulwa ngezikhathi ezehlukene ngenhloso yokuqinisekisa ubumbano nokusimama kwemizamo yokungenelelwa kwezimo.
Indlela yokwethula ezenhlalakahle ngaphambi kuka- 1994 yagxekwa ngokuthi yayingafanele, ingathuthukisi futhi idala ukuba abantu bahlale bencikile. Imisebenzi yayenziwa ngabanye futhi igxile ohlelweni lokuhlenga olubheke kakhulu ekuhloleni nokuhlenga amakhasimende lapho ukuhlenga kuhambisana kuphela nokukhangeza nje usizo.
Savela isidingo sokulandela indlela yentuthuko emiselwe emandleni omuntu ngamunye, emathimbeni noma emphakathini nokukhuthaza amandla okuzenzela nokuzithuthukisa.
Ukugxeka okuchazwe ngenhla kusebenza nasenkambisweni yenqubo yokuthuthukisa umphakathi nokuphawula umehluko emiphakathini ethile ekhombisa intuthuko eyayigxile kakhulu ekuthuthukiseni abantu nokubanika amandla okuzenzela. Umqondo wentuthuko udinga izindlela ezintsha ezakhele ebantwini namathuba enqubekela-phambili ehlala isikhathi eside.
Enye yalezi zindlela ibandakanya ukwandisa amathuba okuphila isikhathi eside okuwumqondo ovulekile nochaza kabusha intuthuko ngokuvukuza amandla nobuthaka babantu abampofu. Le ndlela izama ukugxilisa umqondo wentuthuko ebheke ekwesekeni amakhasimende, ulwazi nobuchwepheshe ebantwini ngabanye emiphakathini lapho becabanga khona ngokuzimela nokusebenzisa izinsiza ngokonga nokubhekana nezidingo zenhlalo nomnotho endaweni abaphila kuyo. Le ndlela ikhuthaza umbono ovulekile ngentuthuko.
Lokhu okwenza lendlela ihehe akuveli nje ngomthelela wokubhekela isimo somuntu ngamunye kodwa ngamandla adalwa wubunye lapho kuhlangana amaphuzu asemqoka aqinisa igalelo lalokho okwenziwa ngabantu ehlangene nezinsiza nengqalasizinda abakwazi ukufinyelela kuyo. Ukusimama kwezimpilo kuvela emandleni abantu okuzenzela lapho bezithathela khona izinqumo, ukufinyelela emathubeni nezinsiza nokuzisebenzisa ezimpilweni zabo ngendlela engacindezeli abanye ekuziphiliseni manje nasesikhathini esizayo.
Ukuqhubekela ohlelweni lwentuthuko, ngo 1997 Iningizimu Afrika yemukela Umthethosivivinywa wezeNhlalakahle. Umthethosivivinywa wabophezela umnyango emqondweni wentuthuko yezenhlalakahle nokweseka inqubo yabantu eqonde entuthukweni yenhlalo nezomnotho. Lendlela igxile ekusebenziseni kakhulu igalelo labantu nokukhuthaza ukuzithemba nokubamba iqhaza ezinqumeni. Le ndlela igcizelela imisebenzi egxile emindenini, emphakathini nexubile.
Ukuqhubeka nokwakha isizinda esisha sabasebenzi bemboni yezenhlalakahle mayelana nomqondo wentuthuko.
Ngokwale ngqikithi, incazelo yezenhlalakahle nentuthuko yomphakathi kufanele ibuyekezwe futhi ichazwe kabusha.
Imisebenzi yezeNhlalakahle ixube uhide lwemisebenzi nezinhlelo eziqondiswe ekubumbeni amandla abantu lapho beyobhekana khona nembangela nemiphumela yobuphofu nokwentula. Ongoti abaningi bethula lemisebenzi kanti iningi labo ngosonhlalakahle.
Ukwazisa ukuthi umsebenzi wezenhlalakahle oxube amakhono ongoti bezenhlalakahle udlala indima enkulu ekubhekaneni nezidingo zentuthuko emphakathini waseNingizimu Afrika.
Umsebenzi wosonhlalakahle ukhuthaza izinguquko zenhlalo, ukuxazulula izinkinga zobudlelwane phakathi kwabantu nokunika amandla nokukhulula abantu ukuze bethuthukise izimpilo zabo. Ngokusebenzisa ulwazi lokuziphatha kwesintu nezinhlelo zenhlalo, umsebenzi wezenhlalo wenze umngenela ngesikhathi abantu bexhumana nesimo semvelo. Inkambiso yamalungelo esintu nobulungiswa yizinto ezisemqoka kakhulu emsebenzini wezenhlalakahle.
Umthetho woNgoti bezeNhlalakahle, No.110 ka-1978 uchaza umsebenzi wongoti njengalowo oqhutshwa ngosonhlalakahle behlose ukwenza ngcono indlela yokusebenza kwenhlalo yabantu. Isimo senhlalo sichaza igalelo eliphelele lomuntu ngamunye empilweni yakhe yonke, ekuxhumaneni nabanye abantu, imindeni, amathimba, imiphakathi ngaphansi kwezimo ezimhaqile.
Imisebenzi yezenhlalakahle yethulwa ngezindlela ezintathu, singabala umsebenzi oqokiwe, ukusebenza ngamathimba nomsebenzi obandakanya umphakathi noma intuthuko.
Iqhinga elibandakanya umsebenzi owabiwe wuhlelo olusebenzisa izinhlobo ezehlukene zamakhono, amaqhinga nolunye usizo lokugqugquzela iqhaza lamakhasimende nokuthatha izinqumo ngenhloso yokwenza ngcono ukusebenza kwawo.
Umsebenzi wamathimba yindlela lapho ithimba lifeza khona izinjongo zethimba ngokulandela ingqikithi emiswe yithimba lapho kusetshenziswa khona inqubo nemingenela yethimba.
Umsebenzi womphakathi yisenzo esixubile, esihlelwe wumphakathi wendawo noma owenza into eyodwa uhambisana nosonhlalakahle ngenhloso yokukhuthaza umsebenzi obumbene womphakathi, ngokubambisana.
Ngaphezulu kwalokhu, osonhlalakahle banamanye amaqhinga amabili, ucwaningo nokusingathwa kwezindaba okuyizinto ezincikene futhi ezisekela ukwethulwa kwezidingo zomphakathi.
Zikhona nezinye izigaba zabasebenzi eziletha usizo lokweseka osonhlalakahle, isibonelo; abasebenzi bezinhlobo ezehlukene, abanakekela izingane nentsha nabasebenza njengabasizi abangesibo ongoti abaphelele. Abanye babantu abachaziwe sebethathwa njengongoti abaphelele, isibonele ukunakekela izingane nentsha. Ukusebenza kwayo kuchazwa ngokwengqikithi yomsebenzi wezenhlalakahle.
Kukhona namanye amathimba ongoti abafana nabahlaziyi-ngqondo abethula izinhlobo ezihlukene zemisebenzi ephelezela imisebenzi ethulwa ngosonhlalakahle, lokhu bakwenza ebantwini abedluliselwa kubo noma ngokusebenzisana namanye amathimba. Ongoti abafana nalaba banika ithuba lokwethulwa kwezidingo ezixubile nezibanzi zokubumba amandla amakhasimende ukuze asebenze ngokugcwele ngaphansi kwezimo abhekene nazo.
Uguquko lwenqubo entsha yentuthuko yomphakathi luholele ekwethulweni kohlobo olusha lwabasebenzi bentuthuko yomphakathi nomphakathi uqobo abagxile ekuthuthukiseni umphakathi.
Ukuthuthukisa umphakathi kuchaza inqubo nendlela eqonde ekuqiniseni amandla emiphakathi ngesikhathi ibhekene nezidingo zayo nokwenza ngcono izinga lokuzithuthukisa. Intuthuko ebandakanya amandla okuzenzela, amandla amiselwe ezindleleni nasezinhlelweni zokunika abantu amandla.
Iqhaza elibanjwe ngabantu emizamweni yokuthuthukisa amazinga ezimpilo zabo, ukuthuthukisa umbono wobunini kwinqubo, ukuzithathela izinqumo nokufaka igalelo elizwakalayo ngokuhlanganyela, izinqumo, ukuqala komsebenzi nokuvivinya lokho okwenziwe.
Ukusabalalisa nokwethula izinsiza nokudala izindlela zokufinyelela emathubeni ezikhuthaza ukuziqalela izinto, ukuzisiza nomdlandla wokwenza izinto ezihlomulisayo.
Uhulumeni uyogqugquzela intuthuko yokweseka izakhiwo ngokugxila ekwakheni nasekuqiniseni izakhiwo ezikhona zikahulumeni nezinhlangano zomphakathi.
Ziningi izinhlelo ezikhona ezisetshenziswa emkhakheni wentuthuko, ikakhulu ezikholelwa kwinqubo yentuthuko emile. Phakathi kwezihamba phambili kukhona imfundo eqhakambisa ukubambisana nokwenza (i-PLA). I-PLA ibukwa njengebizo elichaza imbumba yezindlela namaqhinga asetshenziswa ngabantu bendawo lapho behlola, behlela, beqhuba futhi bevivinya inqubo yentuthuko. Inqubo ye-PLA inika abantu amandla okuzenzela futhi yonke lenqubo ngeyomphakathi. Abantu abavela ngaphandle baqala ngokuba ngabafundi bese bekwazi ukuba ngabeluleki abakhuthazayo.
Umnyango wezeNhlalakahle wethula imisebenzi ngezinhlelo ezintathu ezibanzi, ezokuqinisekisa inhlalo efanele, imisebenzi yezenhlalakahle nentuthuko yomphakathi. Ngokuhlanganyela, lezi zinhlelo kufanele zisize amathimba aqokiwe ekudingideni ngemfanelo zonke izinkinga zenhlalo nezimo ezifana nokukhathazeka kwengqondo, ubuphofu obungapheli nokwentuleka kokudla, ikakhulu uma lezi zinto zididiyelwa.
Ngezansi, uhlelo oludidiyele luhlongoza indlela exhantile yokubhekana nezidingo zenhlalakahle nentuthuko yamathimba athile ahlonziwe, lokhu kwenziwa ngokubuka ngendlela evulekile nedidiyelayo. Lendlela ihlinzeka isisekelo okwakhelwe kuso izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abantu abasengcupheni bahlinzekwa ngezindlela zokufinyelela osizweni oluphuthumayo noludingeka esikhathini eside esizayo, kuhlangene nesiqiniseko senhlalo uma kunesidingo.
Isiqiniseko senhlalo akufanele senziwe ngaphandle kwenhloso kodwa labo abayohlomula benziwe ingxenye yezinhlelo zenhlalakahle nentuthuko ukuqinisekisa ukuthi uma bephuma ohlelweni banoqeqesho olubahlomisela ukusebenza ngokuphelele emiphakathini yabo. Lendlela yokusebenza ikwazi ukucija amakhono okuhlangabezana nezidingo zemindeni entulayo, abantu ngabanye nemiphakathi, ngesikhathi esifanayo ihlaziye imbangela nomthelela wokwentula, ukwazisa amandla abantu abathintekayo nokusungula amaqhinga afanele entuthuko yenhlalo nomnotho omile.
Abantu ngabanye, amathimba/imindeni nemiphakathi ifinyelela emisebenzini yomnyango ngezintuba ezahlukene ezibandakanya Izikhungo zokushiya imibiko, amahhovisi ezidingo zomphakathi, ukuvakashela amakhaya nemiphakathi. Kufanele kube nezinhlelo ezikanise kulezi zintuba ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amathimba aqokiwe ayaziwa, ahlaziyiwe/avivinyiwe futhi ulwazi oluqondene nawo lugcinwe emabhukwini omnyango. Nakuba izidingo eziphuthumayo zala mathimba aqokiwe zingahlangatshezwa kulezi zindawo, ngokusebenzisa imizamo ekhona, emisha noma esunguliwe ehlanganise izikhwanyana zokudla, kufanele kube nohlelo oluphilayo lokwedlulisa olumiselwe ukuqinisekisa ukuthi amathimba aqokiwe abamba iqhaza kwezinye izinhlelo zomnotho nenhlalo. Iqhaza elinjena libalulekile ekuqiniseni amandla okuzenzela nokusebenza ngempumelelo.
Ukulandelela nesivivinyo semiphumela elindelwe.
Intuba yokungena ikhombisa indawo lapho ikhasimende (umuntu ngamunye, amathimba/imindeni noma umphakathi) uhlangana khona okokuqala nohlelo. Lokhu kwenzeka ngokuxhumana nezintuba noma ngezindawo ezehlukene zomnyango noma ezinye izikhungo. Ngemuva kokuxhumana, ungoti wezenhlalakahle uqhubeka nokuvivinya. Ikhasimende libamba iqhaza ngokugcwele ngomzamo wokungenela ohambisana nesimo nezidingo zalo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lithola umhlomulo ofanele ngezinsiza ezitholakalayo. Ukunyakaza kwekhasimende ngaphakathi ohlelweni yinto eguqukayo futhi ayenzeki nje ngendlela ethile eyodwa neqondile. Amakhasimende angaphuma ohlelweni noma kuyiphi intuba. Inhloso yomngenela kuwo wonke amazinga wukufinyelela ezingeni elifunekayo lomsebenzi wenhlalo. Noma kunjalo, kukhona leyo mingenela esebenza ngendlela yokufuna ukulandelelwa okuqhubekayo, isibonelo ngabantu abakhubazeke kakhulu.
Lendlela yokusebenza iyoqinisekisa ngobukhona beqhinga lokuphuma eliholela emzamweni oqinisa imizamo yamandla okusimama nokuhlala isikhathi eside. Indawo okugxilwe kakhulu kuyo, yimingenela ephawula ukuthi imboni inamandla okwethula izidingo emazingeni ehlukene ngale kokushiya ngaphandle izinqumo zokwedlulisela kohulumeni basekhaya, eminye iminyango nezinhlaka zikahulumeni, uma kunesidingo salokho.
Okwenzeka ngempela wukuthi liyakhula izinga lokuqwashisa ngesidingo sokudidiyela inqubomgomo emazingeni ehlukene kahulumeni. Izindaba ezithinta inhlalo zixakile futhi zixhante nemikhakha eminingi, ngokunjalo kufanele ziqondwe ngendlela ebanzi. Ngenxa yobuhlobo obukhona emqondweni wenhlalo nomthelela wemisebenzi yomnyango othile kweminye, kusemqoka ukuqonda imisebenzi nezibophezelo zeminye iminyango yezenhlalo nokwazi ukuthi lemisebenzi ihlobene kanjani naleyo yoMnyango wokuThuthukiswa kwezeNhlalakahle. Inselelo yezwe ilele ekusebenziseni ngendlela efanele lawo maqoqo amiswe wuhulumeni ngenhloso yokukhuthaza ubumbano lwemizamo yentuthuko. Ngakho, umnyango uphinde usebenze ngokuhlanganyela neminye iminyango efana noMnyango wezeMpilo, Ubulungiswa neminye ngemiyalelo ekhishwe yisishayamthetho neminye.
Ziningi izindlela zokuhlela ngezigaba imisebenzi ethulwa wumkhakha wezenhlalakahle. Lengxenye elandelayo izosebenzisa izigaba ezimbili. Nakuba zibukeka zehlukene kodwa ziyadidiyelwa ngesikhathi sekwethulwa imisebenzi.
Imisebenzi yethulwa emazingeni ehlukene ngenhloso yokufinyelela emphumeleni ofunekayo. Impumelelo ibandakanya ubungcono bokusebenza kwezenhlalakahle. La mazinga ayaqhubeka, noma engase abonakale sengathi anokulandelana ngendlela ethile esobala, ikhasimende lingaxhuma ohlelweni noma kuliphi izinga kanti namazinga abuye ahlangane. Lowo othula izidingo nekhasimende kufanele ngokuhlanganyela banqume indlela yamanje esisebenza ngayo isimo senhlalo bese bebumba iqhinga lomngenela oyosiza ikhasimende lifinyelele ezingeni eliphezulu lenhlalo futhi lilungele ukwemukelwa kabusha wumphakathi.
Lena yingxenye ebaluleke kakhulu ekwethuleni izidingo zomphakathi. Imisebenzi ethulwa kuleli zinga ihlose ukuqinisa nokwakha amandla okuzenzela nokuziphatha kwekhasimende. Kuleli zinga, ikhasimende lisebenza ezingeni elifanele kodwa kunengcuphe yobungozi obungavela esigabeni esilandelayo.
Imisebenzi ethulwa kulesi sigaba isebenzisa izinhlelo zentuthuko nezeluleko zokuqinisekisa ukuthi labo abaqokwe njengabantu abasengcupheni basizwa ngaphambi kwesidingo somngenela womthetho, umngenelo oqinile noma wokunakekela.
Kulesi sigaba, umuntu othintekayo kungenzeka aphatheke odabeni oluhlanganisa inkantolo noma engasakwazi ukuzenzela emphakathini. Imisebenzi eqondene nesigaba ihlose ukweseka nokuqinisa kabusa lowo muntu othintekayo. Esigabeni esinjena, kungaba nesidingo sokususa ikhasimende endaweni elihlala kuyo, ngesinqumo senkantolo noma ngezincomo zothula umsebenzi ahanjiswe endaweni yokunakekelwa noma echaziwe (isibonelo, indawo yabanakiwe noma agcinwe ekhaya labagadiwe).
Umngenelo odlule uhlose ukuhlinzeka ngenye indlela yokunakekela ehlose ukuba yisixazululo sesikhashana ilandelwa yimisebenzi yokwakha kabusha noma ukunakekela okulandelayo okuphokophele ukusiza ikhasimende ekubuyeleni emndenini noma emphakathini walo ngokushesha. Imisebenzi ethulwa kulesi sigaba iqondiswe emisebenzini yokuhlanganisa kabusha nokweseka ngesifiso sokwenza amakhasimende akwazi ukuzimela nokuqhubeka nempilo ngendlela ejwayelekile.
Kufanele kwaziwe ukuthi amakhasimende engaxhuman noma aphume ohlelweni kunoma yiliphi izinga (bona izinkomba). Iqhinga lomngenela kufanele livunywe ngamakhasimende ngemuva kwesivivinyo nokusungulwa kohlelo. Lolu hlelo lusebenza njengesivumelwane phakathi kwalabo abethula imisebenzi namakhasimende lapho zombili izinhlangothi zizibophezela khona ohlelweni lwentuthuko oluyonika amandla ikhasimende ukuze lifinyelele ezingeni elifunwa yilo lesimo sempilo. Ngakho, ikhasimende alitholi nje usizo lihlezi phansi kodwa libamba iqhaza elibonakalayo futhi libe yingxenye yokusungulwa kwezinhloso nezixazululo zokubhekana nenselelo eqhamukayo.
Imisebenzi yezenhlalakahle igxile ekuhlangabezeni izidingo nokwakha okumiselwe ebantwini ngabanye, emindenini, emiphakathini nasemaqoqweni ngokwethula izinhlobo ezehlukene nezibanzi zemisebenzi kanye nezinhlelo ezenabe zedlula emandleni abantu ngabanye kuhlangene nezinsiza zokweseka. Uhlelo Lokwethula izidingo zomphakathi kufanele luchaze kabanzi imisebenzi ehlukene lapho amakhasimende engakwazi ukufinyelela kuyo, phakathi emiphakathini nakwezinye izindawo nokuthi leyo misebenzi ingabasiza kanjani ukuhlomulisa ngokugcwele abantu nokuguqula izimpilo zabo maqondana nokwakha imindeni nomphakathi onempilo.
Imisebenzi yokuphila kwengqondo nokulwa nokusetshenziswa kwemikhuba ethile (njengezidakamizwa) engayekeki.
Esigabeni esilandelayo, kuzovezwa isithombe esifushane salokhu okuphawulwe ngenhla. Imisebenzi yangempela ehlinzekwa eqoqweni ngalinye ichazwa ngokulandisa kwalezi zigaba.
Izinhlelo zokukhuthaza nokunqanda zihlose ukwenza ngcono inqubo yokusebenza lapho abantu benikwa khona izindlela namacebo okulawula amaphuzu anomthelela ezimpilweni zabo. Lezi yizenzo ezilindwe ekwehliseni amathuba ezimo ezingathandeki. Imisebenzi yokunqanda ibandakanya amaphuzu athinta umuntu ngamunye, ezemvelo nenhlalo okuyizinto ezinomthelela ekuqhamukeni kwenkinga.
Imisebenzi yokukhuthaza nokunqanda isebenza ukutakula bonke abantu nemiphakathi ngokukhuthaza ukuzimela, igqugquzela abantu ukuthatha izinqumo ezinempilo nokubeseka ngezinqumo abaziqokile.
Eminye imisebenzi yokukhuthaza nokunqanda ivela uma imisebenzi yezenhlalakahle ixhumana nemisebenzi yokuthuthukisa umphakathi ebhekene nezidingo zamaqoqo akhethiwe abanezinkinga ezigajwe wubumpofu nezinye izinkinga (ezomnotho nenhlalo).
Imisebenzi yokuvikela ihlose ukuphephisa izimpilo zabantu ngabanye nemindeni yabo. Imisebenzi yokuvikela ivame ukwethulwa ngokugxila ohlakeni lwenqubomgono nakwinkambo yomthetho wesishayamthetho kanti ixube umthetho oshayiwe. Le misebenzi inika amandla abantu abahlonziwe noma izikhungo lapho zikwazi khona ukuthatha izinyathelo ezithile ezithathwa njengezifanele zokuvikela isithunzi nempilo yomuntu empilweni yakhe njengelunga lomndeni nomphakathi.
Imisebenzi yokuvikela isebenzela ukwenza imindeni, izingane nabantu ngabanye baphile ngokuphepha nokuhlala endaweni efanele ekhuthaza amalungelo esintu nokuqinisekisa ngempilo enhle.
Imisebenzi yokuhlumisa izimpilo iphokophele ukwenza ngcono nokugcina kahle isimo senhlalo yamakhasimende. Laba ngabantu abahlukunyezwe wukulimala, ukukhubazeka noma wubuthakathaka bempilo obungapheli. Ngaphezulu kokwenza ngcono iqophelo lempilo yomuntu, imisebenzi yokuhlumisa impilo iyindlela enamandla yokwehlisa ingcindezi ezinhlelweni zomphakathi eziseka ngemali imindeni nezinye zosizo. Imisebenzi yethulwa ngezindlela eziningi, singabala izikhungo zasemakhaya, izikhungo ezithula izidingo nezindawo zokuhlala.
Umbono wemisebenzi yokuhlumisa impilo uhlose ukunika amakhasimende ithuba lokufeza kabanzi lokho omiselwe khona, ukunciphisa umthelela odalwa wukukhubazeka nokuzigcina unempilo futhi ulandela imikhuba emihle yokuziphatha.
Imisebenzi yokunakekela okuqhubekayo yileyo egcina noma eyenza ngcono isimo somzimba, umqondo nenhlalo yomuntu ngamunye ongakwazi ukuzimela ngenxa yezizathu ezithile. Inhloso yokunakekela okuqhubekayo wukupha abantu amandla okuzenzela nempilo engcono. Ukunakekela okuqhubekayo kudinga uhlelo olwamukela uguquko noluya phambili ngendlela evumela abantu ukuba bafinyelele kuyo yonke izidingo abazifunayo.
Imisebenzi yokunakekela okuqhubekayo ihlose ukuhlangabezana nezidingo ngendlela ephazamisa kancane isimo nokuhlinzeka ngamathuba amaningi empilo engcono nokuzimela.
Lemisebenzi ibandakanya impilo yengqondo, imikhuba engayekeki nodlame lwasekhaya lapho isebenzisa khona icebo lokunqanda, ukwelapha nokunakekela ngemuva kwesikhathi ethulwa njengehlelo oludidiyele olusiza ngokunakekela nokweseka labo abafuna impilo engcono.
Lemisebenzi iqondene nokusiza abantu ekuphileni impilo exube kahle. Lokhu kwenzeka ngokukhuthaza, ngokuvikela nokuvuselela isimo esihle somqondo wabo.
Lesi sigaba siyohlinzeka ngomthamo wemisebenzi elandiswe ngokohlelo lwezigaba ezichazwe ngenhla kanjalo namathimba ahlosiwe.
Imisebenzi eqondiswe ezinganeni yethulwa ngaphansi koMthetho wokuNakekelwa kweZingane ka 1983. Njengamanje, Umthethosivivinywa weZingane uyabuyekezwa ePhalamende kanti lengxenye yomthetho inomthelela ohamba ibanga elide ngokwethulwa kwezidingo eziphathelene. Inqubomgomo yoGuquko Ohlelweni nokuNakekelwa kweZingane Nentsha yazisa nokwethulwa kwezidingo ezinganeni. Kunemibuthano eminingi eyenzeka ezingeni lomhlaba ehlomulisa inqubomgomo ephathelene nezidingo ezinikwa izingane.
Inqubo yeZizwe Ezibumbene yokuNqanda Ukuhweba ngabantu.
Imisebenzi yokuthuthukisa ingane isencane ixuba isakhiwo nokubhaliswa kwezikhungo zezingane ezineminyaka engaphansi kwesithupha nokulandelela kanye nokuhlolwa kwale misebenzi. Intuthuko yezenhlalakahle iyasebenza nakwizimo ezilethwa phambi kwabameli bemindeni.
Imisebenzi yokuvikela ingane ihlose ukunqanda ukuhlukunyezwa, ukuyekwa ngobudedengu nokulahlwa kwezingane. Izinhlelo eziqonde ukuvikela nokukhuthaza impilo enhle yezingane, ikakhulu lezo ezingaphansi kwesimo esinzima. Lokhu kubandakanya usizo olunikwa izingane ezincane ezisetshenziswayo nokuxhashazwa kwezingane ngokocansi; imisebenzi eqondene nezingane eziphethwe yigciwane leNgculazi neSandulela-Ngculazi; imisebenzi yezenhlalakahle ezingeni lomhlaba ehlangene nokuthola ingane okuhlanganisa amazwe amabili nemisebenzi evamile eqhubeka ezinkantolo zamacala.
Lokhu kubandakanya imisebenzi eqondiswe ezinganeni eziphila emgwaqeni nezisebenza khona. Lemisebenzi ifana nokubhalisa nokwethula imisebenzi ezikhungweni zokufihla ikhanda, ezikhungweni zokushiya okwesikhashana izingane ezihlala emgwaqeni.
Lemisebenzi ihlanganisa leyo yokubheka izingane, imisebenzi yokugcina izingane ezitholiwe, izindawo zokuhlalisa izingane (kuhlangene nokusungula, ukubhalisa nokusingatha amakhaya ezingane nezindawo zokuphepha) imisebenzi yokuhlanganisa izihlobo nokunakekelwa okwenziwa kamuva.
Izinhlelo zosizo lwempilo, izinhlelo zamakhono obuzali nemisebenzi eqondene noMthetho weSondlo yizo zonke izimo ezingaphansi kwalesi sigaba.
Lokhu kuhlanganisa imisebenzi yokongiwa nokwakha kabusha imindeni (izimo ezihlobene noMbuthano wokwakhiwa kabusha kwesiko lobuntu), imisebenzi yezomshado nezeluleko eziqondiswe emindenini nokweluleka abashadikazi mayelana nezehlukaniso zemishado nokungenelela izimo.
Imisebenzi eqondene nezingane neziboshwa ezindala yethulwa ngaphansi kohlelo loMthetho weziboshwa zikashwele ezikhishwe singakapheli isigwebo ka-1991 uhambisana noMthetho weNqubo yaMacala ka -1977. Umthethosivivinywa woBulungiswa obuqondiswe eZinganeni uyoba nomthelela obanzi endleleni yemisebenzi yeziboshwa zikashwele maqondana nezingane ezingaphansi kweminyaka engama-18.
Ibandakanya imisebenzi enqanda ubugebengu.
Ukugcinwa esikoleni sokuphepha nokulungisa isimo sophuzo oludakayo njengenye yezindlela zokujezisa.
Ukusungulwa nokusingathwa kwezindawo zokuphepha nezikhungo eziphephile zokunakekela izingane ezilindele ukuthethwa kwamacala.
Kule ndima, sifaka izinhlelo zemfundo nokuqwashisa ngeSandulela-ngculazi neNgculazi. Phakathi kwezinhlelo, kungabalwa ulwazi ngempilo nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Ukwakha amandla okuzenzela ngokuthola ulwazi nezinhlelo zamakhono (izinhlelo zixube ukuthuthukisa amakhono omqondo) yinto ebucayi kakhulu.
Kunezinhlelo ezididiyelayo zentsha ethintekayo ekusetshenzisweni kwezidakamizwa nezinye izinhlobo zemikhuba engayekeki. Lokhu kuhlanganisa nemikhuba yokugembula nokuzibandakanya emikhubeni yocansi. Imisebenzi ebanzi ethulwa ezinganeni zamantombazane, ikakhulu lezo ezixhashaziwe noma ezihlukumezekile kanjalo nosizo lwezeluleko.
Lokhu kuhlanganisa izinhlelo zentsha ekhubazekile, ikakhulu empofu nentulayo, intsha enezidingo ezihlukile, ephambana nomthetho naleyo ehlala emgwaqeni.
Imisebenzi yezenhlalakahle yethulwa ngaphansi koMthetho Onqanda noWelapha Umkhuba wokuSebenzisa Izidakamizwa ka -1992, osebenza ezinganeni nabadala abanenkinga yokusebenzisa izidakamizwa. LoMthetho ubuyekezwa ngenhloso yokwandisa amandla okusebenza kwawo. Nomthetho wokuNakekelwa kweMpilo yeNgqondo ka -2002 uyasebenza kanjalo neNhlabamkhosi yeshumi leminyaka yeZizwe Ezibumbene elwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa (1991-2000).
Lezi zinhlelo zokunqanda nokwelapha umkhuba wokusebenzisa izidakamizwa, izinhlelo zokuqwashisa nokuqhuba uHlelo lukaZwelonke lokulwa neZidakamizwa.
Lena yimisebenzi efana nokusungula, ukubhalisa nokulandelela izikhungo zokwelapha, imisebenzi yokunakekela kamuva abantu abathinteka ezinkingeni zezidakamizwa nokweluleka abantu abangenwe yinkinga yezidakamizwa kanye nemindeni yabo.
Ukusingatha izikhungo zokwelapha zikahulumeni.
Lemisebenzi ihlanganisa ukunqanda udlame olugxile ebulilini, ukuhweba ngemizimba yabantu nokuhlukunyezwa kwabantu abadala; ukukhuthaza izinhloso ze-CEDAW nezinhlelo zezingane; izinhlelo eziqondiswe emantombazaneni; ukuthuthukisa abesifazane; imfundo noqeqesho kanye nezinhlelo ezithuthukisa imidlalo nokuphumuza ingqondo.
Imisebenzi efana naleyo eqondiswe kubantu abahlukunyezwa wudlame lwasekhaya nolugxile ebulilini, ukusungula (ngokubambisana neminye iminyango) izikhungo zokweseka abantu abahlukunyeziwe, ukwedlulisela ezikhungweni eziapha umzimba nengqondo nosizo lwasekhaya.
Le misebenzi ixuba ukusungula nokusingatha izindawo zokugcina okwesikhashana izingane nabesifazane abahlukunyeziwe.
Imisebenzi ebhekiswe ebantwini abadala ihlinzekwe wuMthetho Olawula Abantu abadala ka-1967. Umthethosivivinywa Wabantu Abadala usengaphansi kwenkulumo-mpikiswano ePhalamende.
Uhlaka lwenqubomgomo ye-AU neQhinga leZinyathelo eziqondene Nabantu Abadala.
Lemisebenzi ixube ukusebenza kwezinqumo zemibuthano, ukusabalalisa ulwazi, ukwenyusa izinga lokuqwashisa ngobudala njengengxenye yempilo, ukufundisa umphakathi nolwazi mayelana nokuxhashazwa kwabantu abadala, ukukhuthaza izinhlelo ezixube izizukulwane ezihlose ukugcina abantu abadala isikhathi eside emphakathini nezinhlelo zokungenela isimo esiyoholela empilweni enhle ebantwini abadala.
Lemisebenzi ibandakanya izinyathelo nemingenela eqondene nokuhlukunyezwa kwabantu abadala, izinhlelo zokuqwashisa nokulwela amalungelo abantu abadala kanjalo nosizo oluqondiswe emakhaya abo.
Ukwethula imisebenzi emphakathini wabantu abadala kuhlangene nokubagada emini, imicimbi yezidlo, ukusungula izikhungo zosizo nemisebenzi yokweluleka yizinto ezingena ngaphansi kwalesi sigaba.
Imisebenzi ihlanganisa ukucutshungula izicelo zokwemukela abantu abangena ezikhungweni zokuhlala, ukubhalisa nokusingatha umsebenzi wokunakekela, usizo lokweseka, ukunakekela emakhaya nasemphakathini.
Isimemezelo seZizwe eZibumbene ngamaLungelo Abantu abakhubazekile.
Lemisebenzi ibandakanya ukukhuthaza, ukufaka nokwenza abantu abakhubazekile, amalungelo abantu abakhubazekile, ukuqwashisa ngezimo zokukhubazeka nokufinyelela ezidingweni, emphakathini nasezinsizeni zomphakathi; ukunqanda ubandlululo ebantwini abakhubazekile; izinhlelo zokuqagula ngesikhathi izinkomba zokukhubazeka nokuqwashisa okuqondiswe ekunqandeni ukwedlulela esizukulwaneni esilandelayo kwemithelela yofuzo lokukhubazeka; amakhono empilo nezinhlelo zokwakha amandla okuzenzela nemisebenzi eqondiswe ekuthuthukiseni amakhono.
Imisebenzi eqondene nabantu abaguliswa yizifo ezingelapheki ezifana neSandulela-ngculazi, iNgculazi, imisebenzi yomphakathi efana nezikhungo zokukhuthaza nemibuthano yokucobelelana ngolwazi kanjalo nemisebenzi yokweluleka yizinto ezingena ngaphansi kwalesi sigaba.
Ibandakanya ukunakekela abantu ezindaweni ezihlala abakhubazekile; ukugcina okwesikhashana nosizo lokweseka noma lokuhlalisa abantu.
Lemisebenzi incela elwazini lweQhinga laseNingizimu Afrika lika-2004-2007 leSandulela-Ngculazi neNgculazi neQhinga leZifo ezithathelwana ngocansi, Iqhinga leNtuthuko yezeNhlalakahle eliqondene neSandulela-Ngculazi neNgculazi lika-2004 -2007 elimukelwe yikomidi loNgqongqoshe bakaZwelonke nabeziFundazwe.
Ixube izinhlelo zokuqwashisa nokunqanda, ukuqeqesha abeluleki okusetshenzwa nabo, ukukhuthaza izinhlelo eziqwashisa ngeSandulela-Ngculazi neNgculazi nokubheka indlela ezisebenza ngayo izinhlelo ngenhloso yokunciphisa ubungozi bokuthola iSandulela-Ngculazi neNgculazi.
Lesi sigaba sifaka ukusungula nokusingatha izikhungo zokugcina abantu okwesikhashana, nokusungula kanye nokusingatha izigcawu zokunakekela izingane emazingeni omphakathi.
Lokhu kuhlanganisa imisebenzi yokwethula usizo lokuhlola ingqondo nolunye usizo ezintandaneni nasezinganeni ezingenabo abazali kanye nemindeni yazo. Kubandakanya usizo lwabantu abazinikelayo nabasiza umphakathi ekwesekeni izintandane nezingane ezintulayo kanjalo nabantu abaguliswa yiSandulela-Ngculazi neNgculazi, imfundo, ukunakekela nezinhlelo zokweseka ezindaweni okusebenza kuzo abasebenzi nemindeni yabo.
Ukunakekela abantu emakhaya nasemphakathini kungena ngaphansi kwalesi sigaba.
Ukukleliswa ngezigaba kwemisebenzi akufanele kubukwe njengento eqonde njengomugqa kodwa njengesikhali sokukhuthaza ulwazi nokuqonda umthamo wemisebenzi ethulwa yizinhlobonhlobo zabasebenzi nabasizi bezenhlalakahle.
Eminye imisebenzi ivamile futhi ivulelekile lapho ibhekene khona nazo zonke izinhlobo ezikhona empilweni, kusukela ezimweni ezivuna kuphela indlela eyodwa nefuna ulwazi namakhono aqinisa wulwazi nokuhamba kwesikhathi. Eminye imisebenzi ngeyongoti lapho ingqikithi isendaweni yesidingo esithile nefuna ikhono eliqondene. Noma kunjalo, yinto esemqoka kakhulu ukwazi ukuthi ulwazi namakhono atholwayo kufanele ngaso sonke isikhathi edluliselwe emikhakheni evamile nakwinqubo yokuthuthukisa inqubomgomo, ngokunjalo adidiyelwe ngokuphelele nohlelo olubanzi lokwethula izidingo zomphakathi.
Amathimba ahloswe kakhulu wuMnyango yilabo abampofu nemikhakha yomphakathi entulayo. Abantu abanegciwane leSandulela-Ngculazi neNgculazi, abakhubazekile nalabo abanezidingo ezihlukile yibona abathathwa njengamathimba ahloswe kakhulu.
Izingane ezineminyaka engaphansi kwe-18 ezihlukunyeziwe, ezilahliwe, izintandane, ezinganakiwe noma eziphila impilo enzima.
Intsha ephakathi kweminyaka eyi-14 nama-28 esengozini, ephula umthetho, ebaleka ezikoleni futhi engaqashiwe.
Imindeni entulayo, ihlanganisa umzali wengane oyedwa, imindeni esingethwe yizingane, izintandane nemindeni ebhacile.
Ukukhuthaza imisebenzi ethuthukisa umphakathi ngokusebenzisa amasu amiselwe esintwini, agxile futhi aqhakambisa iqhaza elibanjwa ngabantu, ukunika abantu ubunini bezinyathelo zentuthuko lapho belwa noma benqanda indlala nobunzima bokufinyelela ezinsizeni (izidingo zomzimba nomqondo, isimo esinzima sokufinyelela ezinsizeni, njalo njalo.).
Ukwethula imisebenzi yokuthuthukisa umphakathi ngokuqagula nokuqhuba izinyathelo ezifunekayo zomngenela ngokubambisana nomuntu osebenzela intuthuko yomphakathi, umphakathi uqobo nabathinteka ezenzweni zentuthuko.
Udaba lokukhuthaza ubulili.
Nabanye ababambe iqhaza, ukukhuthaza inqubo yokusingatha inhlekelele.
Ukugcina umqulu wemininingwane yalabo abethula usizo.
Ukwenza imikhawulo emphakathini, ukuzakhela igama lokwethembeka nokwazi imisebenzi yamanje yemiphakathi, umlando, izinsiza nesimo somphakathi.
Ukuhlola izakhiwo zomphakathi, imvelaphi yomphakathi, izinsiza ezifunekayo, amandla nezidingo; ukuqagula ubuholi bomphakathi nokuqinisa izakhiwo ezingasiza kulezi zinto.
Ukuhlela nokuklelisa phambili izinto ezidingekayo zokuthuthukisa umphakathi ngokubumba izinhloso nezinjongo, ukuhlola izinsiza ezikhona, ukubeka izikhathi zempumelelo nokudweba izabelo-mali.
Ukugqugquzela umsebenzi oqhubekayo wezinto eziqaguliwe zentuthuko ezihambisana namasu asungulwe wumphakathi, ukuqoka abaholi emphakathini; ukuhlanganisa izinsiza, ukulandelela umsebenzi ngesikhathi usuqalile; ukusungula nokuqinisa izinhlangano zomphakathi nobuholi ngaphakathi komphakathi.
Ukulandela izinto ezenziwe ngokuhlanganyela, ukwethula imibiko emphakathini nokuhlela kabusha ezinye izinyathelo, uma kunesidingo.
Ukubhala zonke izindlela zokuxhumana nemingenela yabagqugquzeli nabasebenzi ngenhloso yokwakha umlando wangomuso ngezinto ezenzekile.
Ukulandelela indlela ezisetshenziswa ngayo izimali nokubika ngalokhu ngezikhathi zonke.
Ukuhlala ufunda uhlaka lomthetho nenqubomgomo ngenhloso yokuba nekhono lokweluleka/ukuthekela labo ababambe iqhaza ulwazi lokuqinisekisa ukuthi zonke izinyathelo zihambisana nezidingo zaleyo nqubomgomo neMithetho.
Ukuxhumana neminye iminyango nezikhungo ukuze ziqwashe ngezinto ezintsha ezenzeka emkhakheni wokuthuthukisa umphakathi.
Ukubamba iqhaza ezenzweni eziqhubekayo zokuthuthukisa umphakathi ngobungoti ngendlela enqunyiwe.
Ukwethula imisebenzi yentuthuko yezenhlalakahle yisibopho esibumbene sabantu abehlukene ababambe iqhaza, behlangene nohulumeni, izinhlangano ezingasebenzeli inzuzo nemboni ezimele. Uhlobo lwangempela nomthamo weqhaza lokwethula izidingo zomphakathi kwehluka ngezifundazwe futhi ezinye izinto eziwumthelela kungaba wumlando, yikhono, imibandela yomthetho nezindleko. Uma ubheka uhide lwezikhungo ezibhekwe nguhulumeni ngaphezulu kokusungula inqubomgomo nokwethula izidingo emphakathini, uhulumeni ubhekene nenselelo yokulandelela nokuhlola okubheke ekuletheni izidingo eziseqophelweni eliphezulu nokuvikela izifiso zomphakathi kanjalo nokukhuthaza impilo enhle nefanele.
Umnyango weNtuthuko yezeNhlalakahle unezinye izindawo oboshezelwe kuzo ezingeni likazwelonke nezifundazwe. Lokhu kuchaza ukuthi ezingeni lesifundazwe, Umnyango unganquma futhi usungule inqubomgomo kanjalo nemihlahlandlela yenqubo, inqobo uma uhambisana nenkambiso yokubusa ngendlela yokubambisana futhi leyo nkambiso ingashayisani nemiswe wuhulumeni ezingeni likazwelonke.
nezikhungo zezimboni ezizimele.
Laba abethula usizo baphinde basebenzisane neminye iminyango kahulumeni, izingosi ezifana neyezeNhlalakahle noBulungiswa, Ingosi yokuNqanda amacala Nezokuphepha, iminyango encike kuhulumeni nezikhungo zemboni ezizimele ezethula izidingo zomphakathi ngomqondo wosizo oludidiyelayo olwethulwa ebantwini.
Ukubika ngendlela efanele ezakhiweni ezehlukene zephalamende ngemisebenzi yezenhlalo.
Ukuzibophezela, ukugqugquzela nokuxhumanisa ucwaningo olufanele.
Ukugcina nokusingatha uhlelo lolwazi lwayo yonke imisebenzi nezinhlelo.
Ukusingatha nokuhlela izinhlelo zokuthuthukisa izinsiza ezingabantu.
Ukudayisa noma ukusabalalisa ulwazi ngezinhlelo zemisebenzi yezenhlalakahle.
Ukukhuthaza inqubo yephalamende lesifundazwe mayelana nemisebenzi yezenhlalakahle.
Ukukhuthaza ubudlelwane phakathi kwezifundazwe nokusungula nokugcina izivumelwane zokusebenzisana phakathi kwezimboni.
Izinhlelo zemali nokunakekela imisebenzi yezenhlalakahle ngokulandela inqubomgomo Yokwaba Izimali.
Hlinzeka amakhasimende ngemisebenzi nezidingo.
Usungula futhi aqalise ngezinhlelo zokusingatha inhlekelele.
Ziyalandelela futhi zihlole umsebenzi.
Zibambisana nezinhlangano ezintsha ngosizo lokwedlulisa amakhono.
Zikhuthaza iqhaza emazingeni aphansi ekuthathweni kwezinqumo nasekwethulweni kwezidingo.
Bonke laba abethula imisebenzi abachazwe ngenhla kufanele baqiniseke ukuthi imisebenzi ibumbene, ihlangene futhi isingathwa ngendlela ehlomulisa kakhulu imiphakathi.
Ngenhloso yokuqhuba kahle Uhlelo Lokwethula Izidingo zoMphakathi, kudingeka uhlu lwezinsiza ezingabantu, imali nengqalasizinda. Umthamo nezibonelo ziyonqunywa yinkambo namaqophelo abekiwe.
Labo abahumusha ngezimpawu.
Ongoti bokusingatha ulwazi.
Akuqondwe ukuthi uhlu oluvezwe ngenhla alusho isibalo esiphelele.
Leli yiphuzu elibucayi ekwethuleni imfundo noqeqesho ngendlela ebanzi nedidiyele nokuthuthukisa amakhono abantu ngenhloso yokwethula izidingo zomphakathi ngendlela enelisayo.
Uqeqesho lokufunda ube usebenza.
Ubumbano kufanele luqiniswe ngeqhaza labaqeqeshi ngenhloso yokuqinisekisa ngentuthuko nokuhlinzeka ngohlelo olufanele olubhekele izidingo zentuthuko yongoti bezenhlalakahle emazingeni ehlukene ukuze lubhekane nenselelo yemisebenzi.
Lokhu kuhlanganisa ucwaningo okufanele lusize inkulumo-mpikiswano ngokusungula inqubomgomo, intuthuko yezinhlelo zentuthuko ezimiselwe uqeqesho nezidingo zomphakathi eNingizimu Afrika kanjalo nokulandela nokuhlola umthelela wenqubo yamanje.
Ongoti bezenhlalakahle babuswa wumgomo wokuziphatha osemthethweni. Ukwephula lomgomo kungaholela ezinyathelweni zokuqondiswa izigwegwe. Umgomo wokuziphatha wenabela emisebenzini yonke yongoti futhi uxuba isibopho sokugcina isifuba, izikhawu zokuxhumana namakhasimende ngokuvumelana nawo, ukugcina imibhalo emukelekile yezikhawu zokuxhumana namakhasimende njalonjalo. Lokhu kuyophinde kunqume uhlobo lwezidingo zengqalasizinda yabasebenzi abawongoti.
Ingqalasizinda nemishini ibalulekile emisebenzini yabasebenzi bezenhlalakahle ukuze imisebenzi yenzeke kahle, ikakhulu osonhlalakahle abaphoqwe wumthetho wokwethula izidingo ngendlela eqokiwe. Ukwehluleka kubabeka engcupheni yokuthathelwa izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe.
Amakhabethe okugcina ngokuphephile imininingwane yamakhasimende.
Uhlu olungenhla aluphelele futhi aluxubile ingqalasizinda efuneka ezikhungweni eziningi neminye imisebenzi egxile emphakathini engase idinge izinhlobo ezahlukene zemishini nengqalasizinda efanele izidingo zamakhasimende, isibonelo, abantu abadala, abantu abakhubazekile, njalo njalo.
Umthetho ulindele osonhlalakahle nabanye abasebenzi bagcine imininingwane yokuxhumana kwabo namakhasimende nosizo lokwelapha abalwedlulisile. Lokhu kubalulekile ekuqinisekiseni ukuzibophezela nokugcina izinga eliphezulu lokunakekela ohlangothini longoti bezenhlalakahle. Futhi imininingwane egcinwayo ihlose ukuqinisekisa ukuthi izifiso zamakhasimende zivikelwe futhi nongoti balandela isimo sekhasimende bese behlela nezinhlelo zomngenela okufanele wenziwe esikhathini esizayo.
Ukusingatha ulwazi kusemqoka ukukala igalelo lokufeza izinhloso nokuqinisekisa ukuthi izinjongo zihambisana nemigomo emiselwe isikhathi eside esizayo senhlangano. Lomsebenzi wokubhala inqubo usiza ngesikhathi socwaningo nezifundo, ukulandelela nokuhlola imisebenzi ethulwe ngabasebenzi nokuletha uqeqesho nokuhola abantu abasha abaqalayo kulo mkhakha. Ngaphandle kolwazi olusebenza ngendlela efanele, kuyinto engeke yaphumelela ukwethula izidingo zomphakathi ezihlangabezana nezidingo zabantu.
Amaqhinga okuphatha amiselwe endabukweni awile ngenxa yengcindezi yokwethula izidingo zomphakathi - ayikho indlela eyodwa emisiwe noma ephuthumayo nelula yokufinyelela elwazini. Imiqulu elondoloze ulwazi iphelelwe yisikhathi kanti abaphathi bazizwe becindezelekile ngesizathu sokuthi ulwazi abanalo lusalele ngemuva futhi aluqhathaniseki kahle nolwazi lwesikhathi samanje. Imiphumela enqala ikhomba ukuthi kuncane ukuzibophezela, izibalo ezincane zokweseka amaqhinga okuhlela nokuthatha izinqumo kanti nolwazi alusingatheki ngendlela efanele.
Osonhlalakahle kufanele babe nohlelo lokusingatha nokugcina imibhalo olukhuthaza inhlonipho yamaqophelo amiselwe ukwethula izidingo zomphakathi. Isimo esinjena siqubula imibuzo emibili ebucayi; isidingo sokusebenza ngokucophelela namakhasimende okubandakanya ukusingatha imibhalo nemininingwane nodaba lwenkambo elungile mayelana nokusebenzisa ubuchwepheshe bokulondoloza imininingwane ngekhompuyutha kulo mkhakha.
Lokhu kudinga ukuhlangabezana nemigomo ethile, njengokuqonda izidingo zalabo abasebenzisa ulwazi nokuqinisekisa ngokwaba izinsiza ezenele nokuba khona kwenqubo esingatha uguquko. Osonhlalakahle nabaphathi kufanele baveze amacebo amasha aqinisekisa impatho efanele nenamandla. Kufanele kube khona uqeqesho nokubunjwa kwamandla okuzenzela okunzulu okwenza ubuchwepheshe bolwazi ingxenye yomkhuba wezenhlalakahle.
Ukweseka umsebenzi wokwethula izidingo kuyedlula ezinsizeni ezifana nabantu, izimali nengqalasizinda. Kufanele kube khona nokuzimisela ebuchwephesheni obusha nobuguqukayo ukuze izidingo zisuke emkhakheni ogxile ekubhaleni ephepheni ziye ezingeni lobuchwepheshe bekhompuyutha.
Umthethosivivinywa wezeNhlalakahle, Isaziso No. 1108 ka 1997 uchaza ukuthi uhulumeni unesibophezelo sokunquma nokubuyekeza njalo imihlahlandlela yenkambo namaqophelo. Inkambo namaqophelo ifunelwa ukuqinisekisa inhlonipho yamalungelo esintu, ubulungiswa, ukubhekana nokudala amathuba okuthuthukisa izinkomba ezisetshenziswa njengalokho okuhlosiwe noma izibonelo ezinhle kosonhlalakahle.
Ngaphansi koMthethosisekelo, uhulumeni kazwelonke ushiyelana isibopho sakhe sokwethula imisebenzi yezenhlalo nohulumeni bezifundazwe. Uhulumeni kazwelonke unganquma amazinga afanele, abalulekile namaqophelo emisebenzi. Umthethosisekelo uhlinzekela ukumisa inkambo namaqophelo okuqinisekisa amandla afanayo okufinyelela emisebenzini kahulumeni. Ngaphezulu kwalokhu, izikhali zamalungelo esintu ezifana noMbuthano weZizwe eZibumbene namaLungelo Esintu Ezingane akhomba amaqophelo alindelwe mayelana nezidingo zomphakathi emathimbeni ehlukene.
Ukubeka isikali esimile seqophelo lomsebenzi ezakhamizini zonke ezingeni likazwelonke, lezifundazwe, komaziphathe nasezifundeni.
Kufanele zivezwe izikhali zokulandelela nokuvivinya impatho, inkambo namaqophelo.
Uma ibunjiwe inkambo namaqophelo, umphumela kufanele ube yizidingo zomphakathi ezibikezelekayo nobungcono bomhlomulo. Ngenhloso yalesi sifundo, sizogxila kabanzi kwinkambo namaqophelo avamile. Lezi zigaba zihlose ukunquma imibandela esobala yokwethula izidingo zomphakathi emiselwe osonhlalakahle, ngale kwemisebenzi ethile nehlukile.
Isibalo sezinhlelo ezihlukene/zokunqanda.
Amaphuzu amaningi noma wonke kufanele acutshungulwe ngesikhathi izinkambo namaqophelo ebunjwa. Noma kunjalo, lolu Hlelo Lokwethula iZidingo zoMphakathi luyonquma inkambo namaqophelo ngokubheka ubukhulu bomphakathi futhi luzame ukuveza izidingonqangi zomphakathi wasedolobheni nasemakhaya.
Ngaphezulu kwalokhu, kufanele kwaziwe ukuthi yonke indawo yosizo, isibonelo isimo sabantu abadala, kufanele kube nenkambo namaqophelo engeziwe okubhekana nohlobo oluthile lwesimo njengezindawo abahlala kuzo, izimo ezifana nalesi esingenhla ziyonqunywa emazingeni aphansi eMnyangweni kaZwelonke.
Inkambo kazwelonke nomhlaba eqondene nesibalo esilindelwe ukubhekwa ngusonhlalakahle ngamunye 1: 5 000. Lomthamo usebenza emazweni athuthukile kodwa ngenxa yezinga eliphezulu lobuphofu nokuncishwa amathuba eNingizimu Afrika, lesi sibalo sithe ukubuyekezwa ukukhombisa izimo ezehlukile nezidingo.
Isibalo sabantu akusona sodwa isici sokunquma inkambo yezibalo. Noma kunjalo, kudingeka uphenyo olubanzi oluxube ezinye izinkomba ezifana namazinga obumpofu nebanga (bona 15.2 ngenhla), lezi yizinto eziyofuneka esikhathini eside esizayo ngenhloso yokuqinisekisa ukwaba ngendlela elinganayo abasebenzi.
Inkambo emiselwe ukunakekela okugxile emphakathini nasezikhungweni ingehlukaniswa izigaba ezine.
Lokhu kufanele kuphinde kuhleshulwe ngokweminyaka, ubuthaka nokukhubazeka.
Izifundazwe ziyonquma inkambo yazo ngokubhekela amaphuzu angenhla kanjalo nezidingo ezihlukile emiphakathini yazo.
Le mikhakha yemisebenzi imele izidingo kanjalo nosizo oludingekayo ekwesekeni abasebenzi bezenhlalakahle ekuletheni lemisebenzi. Izigaba zemisebenzi zihlukene ngezifundazwe kuye ngesidingo, izinsiza, yimingcele yemisebenzi ezifundeni njalonjalo. Noma kunjalo, kubalulekile ukulumbanisa izakhiwo zeminyango kazwelonke nezifundazwe ngoba lokho kuyokhuthaza isimo sokuxhumana nokudidiyeleka kwemisebenzi bese kwenza ngcono izindlela zokuxhumana nokuhlela ndawonye.
Impumelelo yoHlelo lweZidingo zeNtuthuko yezeNhlalakahle incike kakhulu ekubuyekezeni njalo nohlelo olubunjwe lwahambisana nesimo somphakathi kanjalo olwemukelwe nomphakathi oziqhenyayo ngobunini balo. Lapho siphawula ngohlelo lwemboni lapho Umnyango weNtuthuko yezeNhlalakahle uyingxenye ephambili ekukhuthazeni inqubo yokuqalisa nokuqhuba ngempela loluhlelo.
Uhlelo lukhomba uguquko noma ukushenxa embonini, ngakho ukuqhutshwa kwalo ngeke kwayekelwa kodwa. Kufanele luhlelwe, luholwe futhi lukhuthazwe.
Ukwemukeleka ebuholini nokwabiwa kwezinsiza yizinyathelo ezisemqoka uma uhlelo luyoba yimpumelelo.
Uhlelo kufanele lumelwe yiMINMEC eyolwemukela.
Uhlelo kufanele lwethulwe ezakhiweni eziphezulu ezithatha izinqumo ezifundazweni, komasipala nasezinhlanganweni zomphakathi eziyomukela uhlelo.
Uma selwemukelwe ngabaholi uhlelo, kufanele kuqaliswe masinyane inqubo yokumisa Ithimba loKweluleka Indlela yokuSebenza kohlelo (MIAT), eliyosebenza emazingeni ehlukene ngendlela echazwe ngezansi.
Ngokubonisana nobuholi nemigudu efanele yangaphakathi, iMIAT kufanele idalule izindleko zokuqhuba uhlelo nokuthola imvume yesabelo-mali. Noma ngabe yingxenye encane yemali etholakele kodwa kubalulekile ukuba luqalwe. Uhlelo lungaqaliswa ngezigamu.
Izinsiza ezabiwe kufanele zingapheleli emalini kodwa zenabele ebantwini, isikhathi nendawo.
Uma uhlelo lungabusisiwe ngabaholi ngokuphelele futhi zingabiwe izinsiza ezifanele, uhlelo alukwazi ukuqhubeka futhi luyofeke. Ukwehluleka kuyochaza uhlelo olulala izintuli nokubuyela emuva kwemboni ngeshumi leminyaka kube khona nokusalela kakhulu emuva.
Umnyango weNtuthuko yezeNhlalakahle ulindelwe ukuhamba phambili ekuqaleni nasekuqhubeni ngempela uhlelo. Noma kunjalo, kufanele wesekwe yithimba leMIAT.
iMIAT kufanele isungulwe emazingeni kazwelonke, ezifundazweni nasemakhaya ngaphakathi eMnyangweni ukuze ihole uhlelo lomsebenzi nokugada izinguquko ezidalwe wubukhona bohlelo.
Kufanele kube yithimba elincane labantu abangekho ngaphansi kwesihlanu futhi bangedluli eshumini ezingeni ngalinye. Isibalo sincike ezinsizeni ezabiwe ukushayela lolu hlelo.
Abantu abaqokelwe ethimbeni kufanele babe nesikhathi esenele sokuhola uhlelo okungenani izinyanga eziyi-12 besebenza.
Abantu abaqokelwe ethimbeni kufanele kokunye babe namakhono olwazi lwemboni nokuthuthukiswa komphakathi, ulwazi olucacile lohlelo, ulwazi loguquko nekhono eliphezulu kwezokuxhumana nokugqugquzela kanjalo nokusebenza emazingeni onke enhlangano.
Noma kuyinto enhle ukuba nethimba elithile elimele imboni futhi likhuthaza kodwa akufanele libe ngaphezu kwamandla okwenza futhi lingabi namakhono afanele.
Ithimba lethula imibiko eMnyangweni futhi lingaphansi kwemboni.
iMIAT ayisona isikhungo esiqhuba umsebenzi kodwa iqhaza layo limiselwe ukweluleka, ukuhola, ukubonisa, ukushiyelana nokwazisa. iMIAT iyingosi elawula uguquko nokukhuthaza imisebenzi.
iMIAT ayisona isikhungo sokuphoqelela imisebenzi noma unogada kodwa iyisikhali esihlose ukukhuthaza indlela efanayo yokusebenza embonini yonke nokuqagula imikhuba emihle yokusebenza.
iMIAT ihlinzeka ngobuholi nezinkomba zokuklama amaqhinga okuqhutshwa kohlelo.
Ikhuthaza futhi iveze ngamandla isiqu, ubunini nokuqhutshwa kohlelo yibo bonke abantu abathintekayo embonini ezingeni lenhlangano nomuntu ngamunye.
Iyalandelela, ivivinye futhi yethule imibiko yokwenziwe ngohlelo embonini.
Ezinye izifundazwe noma omasipala bengaqoka ukuzibumbela izinhlelo zabo ezithathelwe kulolu.
Abanye bengaguqula lolu hlelo ngendlela ehambisana kangcono nezifiso zabo ezihlukile.
Abanye ababambe iqhaza abafana nezikhungo nezinhlangano zomphakathi bengaqagula izici ezithile zohlelo bese zilunjaniswa namaqhinga abo ahleliwe.
Noma kungaqokwa ini kodwa iMIAT kufanele itholakale kalula ukusiza uma icelwa.
Isigaba ll: Ukuhlola isimo samanje uma siqhathaniswa nohlelo olucatshangwayo nesimo esiyovela.
Izikhathi ezimisiwe nezinkomba zegalelo lomsebenzi zingamiswa.
Ukulumbanisa neqhinga lesikhathi esizayo enhlanganweni: Ukuzikhethela ukulumbanisa uhlelo neqhinga lokusebenza kuletha isiqiniseko sokuthi uhlelo luhambisane futhi lwaziswe yisimo esilindelwe sangomuso semisebenzi yalabo ababambe iqhaza nesizathu sokuba khona kwayo.
Ukulumbanisa nenqubomgomo yenhlangano: Uma uhlelo seluqalile ukusebenzisana nenqubomgomo yenhlangano, imboni iyoba nesiqiniseko sokuthi uhlelo luyoqala ukusebenza.
Ukulumbanisa neqhinga lebhizinisi: uma uhlelo seluqalile ukusebenzisana namaqhinga ebhizinisi labantu ababambe iqhaza, imboni iyobe seyisendleleni yokuqhuba uhlelo ngempumelelo.
Ukulumbanisa nesiko lenhlangano: Uma uhlelo selukwazi ukusebenzisana nendlela izifundazwe, omasipala, izikhungo nezinhlangano zomphakathi eziqhuba ngayo imisebenzi, imboni iyobe seyimukele kahle futhi ihambisana ngokweqiniso nohlelo.
Ubukhona bohlelo bumele izinguquko okufanele zisingathwe emazingeni onke emboni.
Amazinga acacile ezinguquko kufanele asingathwe emazingeni enhlangano nabantu ngabanye.
Isigaba V: Ukulandelela okuqhubekayo nokuvivinya.
Ukulandela inqubekela-phambili ezuziwe nokugubha impumelelo edlule kanye nokwemukela imikhuba emisha kufanele kube yingxenye yokuqhuba umsebenzi.
Ukuqagula nokubungaza impumelelo yesikhashana ezingeni lenhlangano nomuntu ngamunye kuyoba yindlela ekhuthazayo neyenza umsebenzi wezinguquko uhehe futhi ubukeke ungenzima kakhulu.
Ukuhlola njalo uhlelo oluqhubekayo ngenhloso yokuthola ukuthi lusaqhubeka ngendlela ehlosiwe nokuhlola umthelela walo yimizamo esiza ukukala inzuzo nokwenza ngcono imisebenzi yokuqhubeka kohlelo.
Ukungeniswa ngezikhawu uhlelo oluchazwe lapha akwenzeki ngendlela eqondile. Lesi yisimo esibandakanya uguquko nokwazisa ukubaluleka kwezici ezihlobene ezifuneka ngesikhathi sokuqala nokuqhuba imisebenzi. Asikho isigaba esibaluleke kakhulu kunesinye. Zonke zibandakanya ukuxoxisana nokuxoxisana futhi kuze kutholakale ikhambi lempumelelo yohlelo - impumelelo ichaza impilo engcono kithi sonke.
Sizobheka kabanzi imihlahlandlela esingethe izinguquko ngesikhathi sokungeniswa kohlelo ngezikhawu. Kuzocutshungulwa amazinga amabili oguquko, yinhlangano kanye nabantu ngabanye. iMIAT ilindelwe ukuba ihole lenqubo.
Qinisekisa ngokuthi uhlelo ludidiyelwe neqhinga lesikhathi eside enhlanganweni, nenqubomgomo, uhlelo lwebhizinisi futhi luhlomulisa isiko lenhlangano.
Yenza amaqhinga okufunda embonini, entuthuko noqeqesho afinyelele kwiSETA yeZempilo neNhlalakahle nakulabo abethula izifundo.
Sungula uhlelo lokusingatha igalelo lokusebenza oluhlobene neqhinga lezemfundo, intuthuko noqeqesho, usizo lokuthuthukisa umkhakha osetshenzwa ngumuntu, iqhinga lokwazisa ukulingana emsebenzini nokugcina abasebenzi bengashiyi enhlanganweni.
Buyekeza futhi ulumbanise inqubo yokuhlelwa komsebenzi, izinhlelo nenqubo ngendlela ehambisana nohlelo.
Awulona iqiniso umbono wokuthi izinguquko zamaqhinga enhlanganweni, inqubomgomo, izinhlelo nenqubo kuyonika isiqiniseko sempumelelo yohlelo. Kukho konke okuchaziwe, kukhona abantu okufanele babe yingxenye yohlelo kusukela ekuqaleni futhi basizwe ekwenzeni izinguquko ezisemqoka emazingeni onke, akukhathalekile ukuthi wusizo lomqondo noma lwemizwa. Kungaba yiphutha ukucabanga ukuthi ngenxa yegalelo labo njengabethuli boguquko, laba bantu bayokwenza umlingo woshintsho. Nabo bangabantu futhi kunezimo ezihlukene abayohlangana nazo njengokwenqatshwa kwezinguquko, ukwethuka, ukudonsela emuva nokwenqaba kuze kufinyelela ezingeni eliphansi lokwemukela isimo nokuzibophezela. Njengoshintsho olwenzeka enhlanganweni, abantu kufanele basizwe ngokusebenzisa inqubo ehleliwe elandelela futhi ifukamele lolu hambo.
Abantu bemboni kufanele babe yingxenye yohlelo kusukela ekuqaleni kwalo luze lusebenze ngempela kanye nasezigabeni zokulandela nokuhlola. Kufanele babe nobunini benqubo nohlelo futhi balubone njengomkhiqizo wabo, kungabi ngeloMnyango.
Kufanele kwenyuswe izinga lokuqwashisa, ukufundisa nokwazisa abantu ngohlelo, izinhloso zalo nomthelela wezinguquko ezingeni lenhlangano nomuntu ngamunye. Ukubamba iqhaza ngesikhathi sokucabanga uhlelo akufanele kulinganiswe nokuluqonda.
Kufanele isikhathi esibekelwe ukuqeda inqubo yoguquko ichazwe ngokucacile. Ushintsho luvamile ukwenza abantu bangakhululeki kodwa okubi kakhulu yilapho lubekwa khona njengento eqhubeka ngaphandle komkhawulo.
Umphumela woguquko kufanele wedluliswe ngokucacile phakathi kwabadala nentsha, izindleko nenzuzo, okulindelwe manje nasesikhathini esizayo. Konke makubekwe ngendlela egcwele necacile.
Imizwa nezimpendulo ezitholakala ezigabeni ezihlukene zoguquko kufanele zemukelwe njengesimo esijwayelekile kanti nabantu kufanele basizwe ukuze baqhubeke, bangathathwa njengabantu abalwa noshintsho. Umqondo wokufanisa umuntu oyedwa neningi kufanele uphele ngoba ngeke usebenze.
Abasebenzi kufanele batshelwe ngezinto ezintsha ezenzekayo mayelana nenqubo yoguquko. Inqubekela-phambili nokusalela ngemuva kufanele kukhonjiswe ngokucacile.
Wonke umuntu unamandla okufaka isandla ezinguqukweni. Into edingekayo wukusiza abantu ekuboneni ukuthi ushintsho luyobalethela isimo esingcono ngaphezulu kobunzima obungacatshangwa.
Kunzima ukugcizelela ngendlela efanele ukubaluleka kokuxhumana kuyo yonke inqubo yezinguquko. Amaqhinga ezokuxhumana ahlongozwe lapha akleliswe ngezigaba ezintathu: imboni, inhlangano naphakathi kwezimboni.
Isigcawu sokubonisana: Imihlangano yesigcawu sokubonisana ezingeni likazwelonke nesifundazwe kufanele ibizwe njalo ngemuva kwezinyanga eziyisithupha noma kuye ngesidingo. I-MIAT kufanele ixhumanise lemihlangano ngenhloso yokuqikelela ukuthi ihlelwa ngendlela ehlanganise imibiko yokuqhubekayo, ukubuyekeza amaqhinga, ukuqagula inselelo nezifundo nokugubha izigameko zempumelelo.
Ukubuyekeza njalo okwenzeka embonini: i-MIAT kufanele ikhiqize njalo ngemuva kwezinyanga eziyisithupha umbiko wesimo sakamuva. Lombiko uyovezwa esigcemeni sekhompuyutha, (web) yoMnyango ezingeni likaZwelonke ukuze imboni ikwazi ukufinyelela kalula.
Imibiko yabezindaba: Imibiko ephuma njalo ephathelene nezinto ezibalulekile nezifeziwe ohlelweni ziyovezwa ephepheni nangohlelo olusebenzisa ikhompuyutha, lomsebenzi uyokwenziwa yiNgosi yokuXhumanisa eMnyangweni kanye noSomlomo kaNgqongqoshe.
Ukwethula uhlelo: Mhlawumbe lokhu kufanele kube yicebo lokuqala lokuxhumanisa okufanele lisebenze uma uhlelo selwemukelwe yiKomidi loNgqongqoshe bakaZwelonke behlangene nabeziFundazwe (MINMEC).
Amaqhinga okuxhumana ahlongozwayo asebenza ezifundazweni, komasipala nasezingeni lenhlangano ngayinye.
Iziwombe zokubonisana nabasebenzi: kuye ngobukhulu benhlangano nesidingo sokuxhumana, lezi ziwombe zingaqhubeka njalo, ikakhulu njalo emuva kwezinyanga ezintathu.
Ukusebenzisa izikhali ezikhona zokuxhumana: Izifundazwe, omasipala nezinhlangano zinezindlela zazo zokuxhumana ezifana nokusebenzisa ubuchwepheshe bekhompuyutha-internet, izincwadi ezijikeleza ngaphakathi, amabhuku namaphephabhuku. Lokhu kufanele kusetshenziswe ekwedluliseni inqubekela-phambili ezuziwe.
Imibuthano yokucobelana ngolwazi nezifundo: Singaba khona isidingo sokubamba imibuthano yokucobelana ngolwazi noma izifundo eziqondene nokuphawula ngezimo ezithile zokusebenza kohlelo. Ukuxhumana kanjena nabasebenzi kungasetshenziswa ekuchazeni isimo samanje ngenqubeko eyenzekile namaqhinga okuqhuba uhlelo.
Ukwedlulisa ulwazi ngohlelo nokuluqhuba ngempela phakathi kwezimboni yisimo esibucayi nesibalulekile ekusebenzeni ngempumelelo kohlelo. Lolu hlobo lokuxhumana kufanele lusebenzise izakhiwo ezikhona njengomgudu wokufinyelela kwezinye izimboni. Asikho isidingo sokubumba indlela ezimele yokuxhumanisa.
Ukulandelela nokuvivinya ngamandla uMnyango, izinhlelo zemboni nemisebenzi yinto ebalulekile ekukaleni impumelelo yokwethulwa kwemisebenzi yokuthuthukisa ezenhlalakahle. Lemisebenzi isiza abethula imisebenzi emazingeni onke ukusingatha kangcono izinhlelo nemisebenzi ngokwethula ngesikhathi imibiko nokunika isiqiniseko sokuthi ngabe izinhlelo ziyahambisana yini nezidingo zamakhasimende. Ngaphezulu kwalokhu, ukuhlola ukuthi izinhlelo zihambisana nokufezeka ngokubanzi kwezinjongo zoMnyango. Imibiko ethulwayo ingasetshenziswa ekwenzeni ngcono imisebenzi ekhona nokuhlinzeka ngesisekelo sokuhlelela isikhathi eside esizayo.
Isiqiniseko sezinga lomsebenzi.
Imikhakha yemisebenzi ebhekele ukwethula izidingo zenhlalakahle iyoba wumgogodla wokubika ngamazinga ezidingo zomphakathi okufanele zethulwe, imiphumela yokufeza uhlelo nokuzuza izinhloso ezimisiwe. Kuyosungulwa imihlahlandlela yokubika eyonikwa labo abethula imisebenzi. Le mihlahlandlela iyosebenza njengohlaka lokuzibophezela emkhakheni ngamunye womsebenzi futhi ikhombise umuntu obikelwayo nenhloso yokwenza njalo.
Imibiko yezivivinyo ephuma njalo emuva kwezinyanga ezintathu, njalonjalo.
Umnyango uyoqondana namakhasimende angaphakathi (lalo abaqashelwe ukwethula usizo) nangaphandle (abanikwa usizo) ngesikhathi uhlola izinga lokweneliseka ngeqophelo lemisebenzi yomphakathi. Ulwazi oluqondene nokweneliseka kwamakhasimende kanjalo negalelo labantu abethula imisebenzi luyohlahla indlela yokuqhubeka nokwethula kangcono izidingo zomphakathi.
Ukufinyelela ezidingweni zemisebenzi.
Ukushenxa "ohlelweni lwakudala" lokwethula izidingo zomphakathi okuqonde ohlelweni lwentuthuko yemisebenzi yezenhlalakahle edidiyele kudinga izinguquko zenhlangano nenqubo yokwenza izinto. Umnyango uzibophezele ekushintsheni inqubo ekhona, imithetho, imigomo nomqondo kuze kufike isikhathi lapho abethula izidingo bekwazi khona ukuhambisana nokufeza izidingo zamakhasimende.
Labo abanikwa izidingo zomphakathi banelungelo lokwazi izinto abangazilindela eMnyangweni. Uhlelo lweZidingo zoMphakathi lusebenza njengomgogodla wokunquma inkambo namaqophelo alindelwe. Lokhu kuyophinde kusebenze njengomsuka wokunquma iqophelo elilindelwe lezidingo.
Ingosi ebhekele iQophelo loMsebenzi engaphakathi komkhakha woKweseka Imisebenzi yoNgoti iyosiza imikhakha ehlukene ethula izidingo zomphakathi. Lengosi iyothuthukisa uhlaka lukazwelonke lwesiqiniseko samaqophelo oluyonquma ngokucacile izinkomba eziyosebenza ekukaleni iqophelo lemisebenzi yezenhlalakahle ethuliwe. Abaphathi bemisebenzi balindelwe ukulandelela ukuthi imigudu ebekiwe iyalandelwa ngaso sonke isikhathi futhi ibhekana nezinto ezinomthelela omkhulu eqophelweni lezidingo zemisebenzi.
Lomqulu uhlinzeka ngohlaka lwemisebenzi yentuthuko yezenhlalakahle ezweni. Uphinde uhlinzeke ngemihlahlandlela eqondene nemisebenzi ehlukene okufanele ihlinzekelwe ekuthuthukiseni umphakathi nenhlalakahle. Indlela eqonde ekwethuleni izidingo zomphakathi kufanele ixube, ididiyele futhi ibuke ngeso elibanzi ukuze isize umnyango ekufezeni izinhloso zokwakha impilo engcono emphakathini.
Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, lomqulu kufanele ufundwe ngokubambisana neminye efana noHlaka lokuThuthukisa uMphakathi, Umgomo Wokuhlomulisa ngeziMali, Umthetho-sivivinywa wezeNhlalakahle njalonjalo neminye imigomo esebenza emnyangweni.
Uhlelo lokwethula izidingo zomphakathi luyoba yisisekelo sokudweba nokwaba izimali zemikhuba namaqophelo emisebenzi yentuthuko yezenhlalakahle oludinga ulwazi lochwepheshe abehlukene. Uma imikhuba namaqophelo esebunjiwe futhi nezinhlelo zicutshunguliwe, umsebenzi uyolandelelwa emazingeni kazwelonke nasezifundazweni.
Lo mqulu awuzishayi sengathi wenabele kuyo yonke imikhakha yokwethula izidingo zomphakathi ngoba kukhona eminye imisebenzi esabunjwa. Lomqulu uyobuyekezwa ngokuhamba kwesikhathi ukuqinisekisa ukuthi uhambisana nentuthuko entsha.
Kuyinto ebucayi ukuba uhlelo lokwethula izidingo zomphakathi lusetshenziswe ukubeka endaweni entsha umnyango ukuze imisebenzi ethulwayo iqondwe yizwe lonke futhi isebenze njengesikhali sokukala inqubekela-phambili yomnyango nalabo obambisene nabo ekwethuleni izidingo zomphakathi.
Uhlelo lweZidingo zoMphakathi kufanele lucazwe kuwo wonke amazinga kahulumeni ngendlela elandela izibophezelo ezichaziwe zezinhlaka ezehlukene ezibambe iqhaza ukuze izinhloso-nqangi, imiphumela nokuhlosiwe kubunjwe ngendlela evumela ukusebenza kohlelo.
